1Abamethembayo uSimakade bafana nentaba iZiyoni engenakunyakaziswa, kepha emi phakade.
2Njengalokhu izintaba zizungeze iJerusalema, noSimakade ubazungeze kanjalo abantu bakhe kusukela manje kuze kube phakade.
3Ngokuba intonga yezikhohlakali ayinakuhlala phezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo benze okungalungile ngezandla zabo.
4Simakade, benzele okuhle abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo,
5kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.