Bible

Elevate

Your Sunday Morning Worship Service

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Psalms 112

:
Zulu - 2020
1 Haleluya! Ubusisiswe umuntu owesaba uSimakade, othokoza kakhulu ngemiyalelo yakhe.
2 Abozalo lwakhe bayakuba namandla emhlabeni, isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
3 Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe, ukulunga kwakhe kumi phakade.
4 Ukukhanya kuyovela ebumnyameni kwabalungileyo: Yena unomusa, nobubele nokulunga.
5 Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.
6 Akayukunyakaziswa kuze kube phakade, olungileyo uyohlala ekhunjulwa kuze kube phakade.
7 Akayesabi imibiko emibi, inhliziyo yakhe ayiguquki, yethemba uSimakade.
8 Inhliziyo yakhe yesekelwe, akesabi, aze abone izitha zakhe zinqotshwa.
9 Ubapha ngesihle abantulayo, ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade, amandla akhe ayophakama ngodumo.
10 Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.