1Ngizohuba ngomusa nobulungiswa, ngikudumise Wena Simakade.
2Ngizohamba ngobuqotho, ngingabi nacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizohamba nginenhliziyo emsulwa endlini yami.
3Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.
4Ngiyakuziqhelelanisa nenhliziyo edukileyo, omubi angiyukumnaka.
5Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo.
6Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba ukuze bahlale nami, ohamba endleleni engenacala, uyakungikhonza.
7Akukho namunye owenza inkohliso, oyohlala endlini yami, namunye oqamba amanga, oyokuma phambi kwamehlo ami.
8Njalo ekuseni ngizobabhubhisa ababi ezweni, ngibaqede bonke abenzi bokubi emzini kaSimakade.