Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Proverbs 6

:
Zulu - 2020
1 Ndodana yami, uma ube yisibambiso somakhelwane wakho, naze naxhawulana nomfokazi;
2 usubanjwe ngamazwi akho, wabhajwa ngenxa yalokho okushilo.
3 Ngakho-ke yenza lokhu, ndodana yami, ukuze uzikhulule, ngokuba usuphila phansi kwesandla sikamakhelwane wakho: khothama phambi kwakhe, umncengisise.
4 Amehlo akho ancishe ubuthongo, nezinkophe zakho, ukozela.
5 Zisindise njengensephe esandleni somzingeli, nanjengenyoni esandleni somcuphi.
6 Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe;
7 yona ethi ingenamholi, nambonisi, nambusi,
8 nokho ilungise ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ukudla kwayo ngesikhathi sokuvuna.
9 Uyakulala kuze kube nini, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?
10 Ngobuthongo nje obuncane, nokozela nje okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe;
11 ubuphofu buyokwehlela njengomhambuma, ukuntula kukuhlasele njengendoda ehlomileyo.
12 Umuntu ongenamsebenzi walutho, umuntu wokona, uhamba ephafuza inkohliso;
13 ucifa iso, ashuduze ngezinyawo, aqhwebe ngeminwe;
14 njalo uceba okubi nenkohliso enhliziyweni yakhe, futhi uphehla udweshu.
15 Ngakho-ke uyokwehlelwa yinhlekelele engazelele; ngokuphazima kweso, uyobhubha angasindi.
16 Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uSimakade, yebo, eziyisikhombisa eziyisinengiso esikhulu emphefumulweni wakhe:
17 Ngamehlo azidlayo, ulimi lwamanga, izandla ezichitha igazi elingenacala;
18 inhliziyo eceba okubi, izinyawo ezishesha ukugijimela ebubini;
19 ufakazi ofakaza amanga ophafuza inkohliso, odala ingxabano kubafowabo.
20 Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.
21 Yibophele njalo enhliziyweni yakho, uyithandele entanyeni yakho.
22 Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulinde lapho ulele, ikhulume nawe lapho uvuka.
23 Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,
24 ukuze uvikeleke kowesifazane okhohlakeleyo, nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.
25 Ungabukhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.
26 Ngokuba owesifazane oyisiphingi ungamkhokhela ngeqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi ophingayo womuntu, uzingela impilo eyigugu yendoda.
27 Umuntu angawubeka yini umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi na?
28 Umuntu angahamba yini phezu kwamalahle avuthayo, izinyawo zakhe zingashi na?
29 Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe: noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.
30 Abamdeleli yini oyisela uma entshontsha ukuze azisuthise lapho elambile na?
31 Uma ebhadanyiwe, bamhlawulisa ngokuphindwe kasikhombisa, akhokhe ngayo yonke impahla yomuzi wakhe.
32 Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; owenza lokho ubhubhisa impilo yakhe.
33 Uyakuthola imivimbo nokuphoxeka, ukwethukwa kwakhe akuyukwesulwa.
34 Ngokuba isikhwele sivusa ulaka endodeni yakhe, uma isiziphindiselela ngeke ibe nasihawu.
35 Ayiyukufuna nhlawulo; ayiyukukwemukela ukufunjathiswa.