Proverbs 42020

1Yizwani madodana ami, ukuyala kukayihlo, nilalelelisise, ukuze nazi ukuqonda.

2Ngokuba ngininika imfundiso enhle; ningawushayi indiva umthetho wami.

3Ngokuba ngangiyindodana kababa, ngintekentekana, futhi ngingedwa kumame,

4wangifundisa, wathi, kimi: “Inhliziyo yakho mayibambelele emazwini ami, ugcine imiyalelo yami, uphile.

5Zuza ukuhlakanipha, uzuze ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;

6ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza.

7Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo, zuza ukuqonda.

8Kuhloniphe, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona.

9Kuyakukufaka umqhele womusa ekhanda lakho, kukunike umqhele wodumo.”

10Yizwa ndodana yami, wemukele amazwi ami khona iminyaka yokuphila kwakho iyoba miningi.

11Ngikufundisile indlela yokuhlakanipha, ngakuhola emikhondweni yobuqotho.

12Lapho uhamba, izinyathelo zakho aziyukuthiywa yilutho, nalapho ugijima awuyukukhubeka.

13Bambelela ekuyalweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.

14Ungalubhadi unyawo lwakho endleleni yezikhohlakali, ungahambi emkhondweni wababi.

15Yigweme, ungahambi ngayo; chezuka kuyo,

16Ngokuba abalali uma bengakwenzanga okubi; bayaqwasha uma bengakhubekisanga muntu;

17kwazise badla isinkwa senkohlakalo, baphuze iwayini lobudlova.

18Indlela yabalungileyo injengokukhanya kokusa okuqhubeka kukhanye kuze kube semini.

19Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.

20Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.

21Makungasuki emehlweni akho, ukugcine ekujuleni kwenhliziyo yakho,

22ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo, nempilo emzimbeni wonke.

23Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.

24Qhela ekukhulumeni okugwegwile, dedisela kude nawe izindebe ezonakele.

25Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho ziqonde phambi kwakho.

26Hlelemba indlela yezinyawo zakho ukuze ziphephe zonke izindlela zakho.

27Ungaphambukeli kwesokunene nakwesokhohlo; dedisa unyawo lwakho kokubi.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Proverbs 4.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.