Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Numbers 9

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuMose ehlane iSinayi ngonyaka wesibili ngenyanga yokuqala bephumile eGibhithe, wathi:
2 “Abantu bakwa-Israyeli mabagcine iPhasika ngesikhathi salo esimisiweyo.
3 Ngosuku lwe-14 lwaleyo nyanga kusihlwa, niyakuligcina ngesikhathi esimisiweyo, njengokwazo zonke izimiso zalo nemithetho yonke yokugcinwa kwalo.”
4 UMose wabatshela abantu bakwa-Israyeli ukuthi bayolenza iphasika.
5 Bayolenza iphasika ehlane iSinayi ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14, kusihlwa, njengakho konke uSimakade ayemyale ngakho uMose, abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke.
6 Kwakukhona abantu abathile ababengcoliswe yisidumbu somuntu, ababengakwazi ukugcina iphasika ngalolo lusuku; beza phambi kukaMose no-Aroni ngalolo lusuku.
7 Labo bantu bathi kuye: “Singcoliswe yisidumbu somuntu; kungani sivinjelwa ukuletha umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli na?”
8 UMose wathi kubo: “Yimani, ukuze ngizwe ukuthi uSimakade uyakuyala athini ngani.”
9 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
10 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘Noma yimuphi phakathi kwenu, noma owezizukulwane zenu ongcolileyo ngenxa yokuthinta isidumbu, ngisho noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza iphasika kuSimakade.
11 Ngenyanga yesibili, ngosuku lwe-14, kusihlwa; bayakuligcina balidle nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.
12 Abayukushiya lutho kuze kube sekuseni, abayukuphula thambo lalo. Bayakuligcina iphasika njengokwezimiso zalo zonke.
13 Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.
14 ‘Uma umfokazi ogogobele phakathi kwenu, ethanda ukugcina iphasika kuSimakade, uyokwenza kanjalo njengokwesimiso sephasika nangokomthetho walo. Kuyakuba yisimiso esifanayo nakini nakogogobele phakathi kwenu nakwabokuzalwa ezweni.’
15 Ngosuku okwamiswa ngalo ithabanakeli, ifu lalilisibekela ithabanakeli nethende lobufakazi; kusihlwa laliba phezu kwethabanakeli libonakale njengomlilo kuze kube sekuseni.
16 Kwakuhlala kunjalo, ifu lalilisibekela, kubonakale umlilo ebusuku.
17 Noma yinini lapho ifu liphakama ethendeni, abakwa-Israyeli babehamba, kuthi lapho ifu lima khona, nabo bakanise lapho.
18 Abakwa-Israyeli babesuka njengokusho kukaSimakade, kuthi ngokuyala kwakhe bakanise sonke isikhathi lapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli.
19 Nalapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli izinsuku eziningi, abakwa-Israyeli babesigcina isiyalo sikaSimakade, bangahambi.
20 Ngesinye isikhathi ifu lalima phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbalwa. Babehlala enkanjini ngokwesiyalezo sikaSimakade, bahambe futhi njengokuyala kukaSimakade.
21 Kokunye ifu lalihlala ubusuku nje obubodwa kuze kube sekuseni; kuthi uma liphakanyiswa ekuseni, bahambe. Noma ngabe ifu lalingahlala ubusuku nemini, kwakuthi uma lenyuswa baqhubeke nohambo.
22 Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe.
23 Ngezwi likaSimakade babekanisa, nangezwi likaSimakade bahambe; baligcina izwi likaSimakade aliyaleza ngesandla sikaMose.