Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Numbers 7

:
Zulu - 2020
1 Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa ithabanakeli, waligcoba, walingcwelisa nayo yonke impahla yalo; wagcoba, wangcwelisa i-althare, nazo zonke izitsha zalo.
2 Izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise nabaholi bezizwe ababebekwe phezu kwababalwayo, zenza umnikelo.
3 Zaletha iminikelo yazo kuSimakade: izinqola eziyisithupha ezazimboziwe nezinkabi ezili-12, inqola eyodwa yabaholi ngababili nenkabi kumholi ngamunye, zakwethula kuSimakade.
4 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
5 “Zemukele kuzo lezo zipho, ukuze zenze umsebenzi wokukhonza ethendeni lokuhlangana, uyozinika abaLevi kube yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe.”
6 UMose wathatha izinqola nezinkabi, wakunika abaLevi.
7 Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wakunika abozalo lukaGereshoni ngokomsebenzi wabo.
8 Izinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wakunika abozalo lukaMerari ngokomsebenzi wabo, ababephethwe ngu-Ithamari, indodana ka-Aroni, umphristi.
9 Abozalo lukaKhohathi abanikwanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayingeyabo; isemahlombe abo.
10 Abaholi baletha futhi iminikelo yokungcweliswa kwe-althare ngosuku olwalumiselwe lokho. Abaholi bayiletha iminikelo yabo phambi kwe-althare,
11 uSimakade wathi kuMose: “Yilowo nalowo mholi uyakunikela ngomnikelo wakhe ngosuku lwakhe, ube ngowehlukaniselwe ukubusiswa kwe-althare.”
12 Ngosuku lokuqala uNaheshoni, indodana ka-Aminadaba wesizwana sakwaJuda, waletha umnikelo wakhe.
13 Wanikela ngoqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
14 isitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
15 iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka, ukuze kube ngumnikelo wokushiswa,
16 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
17 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguNaheshoni, indodana ka-Aminadaba.
18 Ngosuku lwesibili kwanikela uNethaneli, indodana kaZuwari, umholi wabozalo luka-Isakhare.
19 Wanikela ngesitsha sesiliva, isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
20 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
21 induna, inqama nemvu yeduna enonyaka ukuze kube ngumnikelo wokushiswa,
22 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
23 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguNethaneli, indodana kaZuwari.
24 Ngosuku lwesithathu kwanikela u-Eliyabe, indodana kaHeloni, umholi wabozalo lukaZebuloni.
25 Wanikela ngesitsha sesiliva, isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
26 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
27 iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka ukuze kube ngumnikelo wokushiswa,
28 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
29 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Eliyabe, indodana kaHeloni.
30 Ngosuku lwesine kwakungu-Elizuri, indodana kaShedewuri, umholi wabozalo lukaRubeni.
31 Wanikela ngesitsha sesiliva, isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
32 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
33 iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa,
34 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
35 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Elizuri, indodana kaShedewuri.
36 Ngosuku lwesihlanu kwakunguShelumiyeli, indodana kaZurishadayi, umholi wabozalo lukaSimeyoni.
37 Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
38 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
39 neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa,
40 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
41 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguShelumiyeli, indodana kaZurishadayi.
42 Ngosuku lwesithupha kwakungu-Eliyasafa, indodana kaDehuweli, umholi wabozalo lukaGadi.
43 Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
44 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
45 iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa,
46 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
47 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Eliyasafa, indodana kaDehuweli.
48 Ngosuku lwesikhombisa kwakungu-Elishama, indodana ka-Amihudi, umholi wabozalo luka-Efrayimi.
49 Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
50 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
51 iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka kungumnikelo wokushiswa,
52 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
53 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Eliyasafa, indodana kaDehuweli.
54 Ngosuku lwesishiyagalombili kwakunguGamaliyeli, indodana kaPhedazuri, umholi wabozalo lukaManase.
55 Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
56 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
57 neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa,
58 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
59 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguGamaliyeli, indodana kaPhedazuri.
60 Ngosuku lwesishiyagalolunye kwakungu-Abhidani, indodana kaGideyoni, umholi wabozalo lukaBhenjamini.
61 Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
62 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
63 neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa,
64 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
65 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Abhidani, indodana kaGideyoni.
66 Ngosuku lweshumi kwakungu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi, umholi wabozalo lukaDani.
67 Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
68 isitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
69 iduna, inqama, imvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa,
70 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
71 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Ahiyezeri, indodana ka-Amishadayi.
72 Ngosuku lwe-11 kwakunguPhagiyeli, indodana ka-Okhirani, umholi wabozalo luka-Asheri.
73 Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
74 nesitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
75 neduna, nenqama, nemvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa,
76 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
77 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa nguPhagiyeli, indodana ka-Okhirani.
78 Ngosuku lwe-12 kwakungu-Ahira, indodana ka-Enani, umholi wabozalo lukaNafethali.
79 Wanikela ngesitsha sesiliva isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,
80 isitsha segolide esingamashekeli ayishumi sigcwele impepho,
81 iduna, inqama, nemvu yeduna enonyaka, kungumnikelo wokushiswa,
82 nempongo ukuze kube ngumnikelo wesono.
83 Okomhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyilokhu: izinkabi ezimbili, izinqama eziyisihlanu, izimpongo eziyisihlanu, izimvu zamaduna ezinonyaka eziyisihlanu; yilokho-ke okwanikelwa ngu-Ahira, indodana ka-Enani.
84 Yilokhu-ke okwanikelwa ngabaholi bakwa-Israyeli ngosuku i-althare elangcweliswa ngalo lehlukaniselwa uSimakade: izitsha zesiliva ezili-12, izitsha zesiliva eziyimicengezi ezili-12, nezitsha zegolide ezili-12.
85 Yileso naleso sitsha sesiliva sasingamashekeli ayi-130, isitsha sesiliva esingumcengezi ngasinye singamashekeli angama-70. Selilonke isiliva elenza izitsha laba yizi-2 400 ngokweshekeli lendawo engcwele.
86 Izitsha zegolide zili-12 zigcwele impepho, yileso naleso singamashekeli ayishumi ngokweshekeli lendawo engcwele. Lonke igolide elenza izitsha lalingamashekeli ayi-120.
87 Zonke izinkomo ezenza umnikelo wokushiswa kwakuyizinkunzi ezili-12, izinqama ezili-12, izimvu ezingamaduna ezinonyaka ezili-12 nomnikelo wazo wokusanhlamvu, nezimpongo zomnikelo wesono ezili-12.
88 Sezizonke izinkomo ezenza umhlatshelo weminikelo yokuthula kwakuyizinkunzi ezingama-24, izinqama ezingama-60, izimpongo ezingama-60, nezimvu ezingamaduna ezingama-60. Lokhu kwakungumnikelo wokwehlukaniswa kwe-althare; mhla lingcweliswa.
89 Kwathi lapho uMose engena ethendeni lokuhlangana ukuyokhuluma noSimakade, wezwa izwi likhuluma naye livela phezu kwesihlalo somusa ngaphezu komphongolo wobufakazi phakathi kwamakherubhi amabili, wakhuluma naye.