Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Numbers 15

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma nifika ezweni engizakuninika lona ukuba nihlale kulo,
3 senenza umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo ukwenza iphunga elimnandi kuSimakade, ezinkomeni noma ezimvini,
4 khona-ke lowo onikela ngomnikelo wakhe uyoletha kuSimakade umnikelo wokusanhlamvu wokweshumi kwempuphu ecolisekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha;
5 newayini libe ngumnikelo wokuphuzwayo, uyonikela okwesine kwehini noma nomnikelo wokushiswa kube yimvana eyodwa yomhlatshelo.
6 ‘Inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo exovwe nokwesithathu kwehini lamafutha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu.
7 Uyonikela okwesithathu kwehini lewayini kube ngumnikelo wokuphuzwayo nephunga elimnandi kuSimakade.
8 ‘Uma unikela ngeduna njengomnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma iminikelo yokuthula kuSimakade,
9 ngaphezu kweduna lelo, uyoletha umnikelo wokusanhlamvu wokweshumi okuthathu kwempuphu ecolisekileyo exovwe nengxenye yehini lamafutha.
10 Uyonikela ngengxenye yehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwayo, kube ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade.
11 Kuyokwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi;
12 njengokwenani enililungisileyo, niyokwenza kanjalo kuleyo naleyo njengokwenani lazo.
13 ‘Bonke abangabozalo bayokwenza kanjalo lezi zinto, bayonikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade.
14 Umfokazi ogogobele kwakho, noma ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu, uyonikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade, uyokwenza njengalokhu nani nenza.
15 Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade.
16 Kuyoba ngumthetho munye nesimiso esisodwa kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’
17 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
18 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma nifika ezweni enginiyisa kulo,
19 kuyothi lapho nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade.
20 Niyonikela ngeqebelengwane lenhlama yenu yokuqala libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyowenza kanjalo.
21 Ngenhlama yenu yokuqala, niyonika uSimakade umnikelo wokuphakanyiswa ezizukulwaneni zenu.
22 ‘Uma nona, ningayigcini yonke le miyalo uSimakade ayitshele uMose,
23 konke uSimakade aniyale ngakho ngomlomo kaMose, kusukela ngosuku uSimakade aniyala ngalo kuqhubeke nakuzo zonke izizukulwane zenu,
24 uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono.
25 Umphristi uyokwenzela yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli ukubuyisana; ithethelelwe ngenxa yokuba kwakungeyona inhloso, futhi iwulethile umnikelo wayo, umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wabo wesono phambi kukaSimakade, ngesiphosiso sayo.
26 Yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli iyothethelelwa nomfokazi ogogobele phakathi kwayo, ngokuba bonke abantu bakwenza ngesiphosiso.
27 ‘Uma umuntu ona ngokungenhloso, uyonikela ngembuzi enonyaka, ibe ngumnikelo wesono.
28 Umphristi uyomenzela lowo muntu ophosisileyo ukubuyisana, ngokuba wone engahlosile phambi kukaSimakade; uyomenzela ukubuyisana, athethelelwe.
29 Niyoba nomthetho ofanayo kowengabadi kwa-Israyeli nomfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu, lapho bone ngokungenhloso.
30 ‘Kodwa noma ngubani owona ngehloso noma ngabe ungowengabadi noma ngumfokazi, ahlambalaze uSimakade, uyonqunywa kubantu bakubo,
31 ngokuba wedelele izwi likaSimakade, wephula umyalo wakhe, lowo muntu uyonqunywa ngokuphelele, icala lakhe libe phezu kwakhe.’
32 Abantu bakwa-Israyeli besesehlane, bafumana umuntu etheza izinkuni ngosuku lwesabatha.
33 Labo abamfumana etheza izinkuni, bamletha kuMose no-Aroni nakuyo yonke inhlangano.
34 Bamshiya evalelwe ngoba kwakungakanqunywa ukuthi kuzokwenziwani ngaye.
35 USimakade wathi kuMose: “Lowo muntu kufanele abulawe. Inhlangano yonke iyokumkhanda ngamatshe, ngaphandle kwenkambu.”
36 Inhlangano yonke yamkhiphela ngaphandle kwenkambu, yamkhanda ngamatshe, wafa, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
37 USimakade wathi kuMose:
38 “Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, ubatshele ukuba bazenzele insephe emiphethweni yezingubo zabo ezizukulwaneni zabo, nokuba babeke igoda eliluhlaza okwesibhakabhaka ngasemiphethweni yensephe.
39 Le nsephe niyothi njalo uma niyibheka, nikhumbule yonke imiyalo kaSimakade, niyenze. Aniyukuhamba ngokulawulwa yizinhliziyo zenu nangokubona kwenu enanivame ukukwenza nilandela izindlela zokuphinga.
40 Niyohlala nikhumbula ukugcina yonke imiyalo yami, nibe ngcwele kuNkulunkulu wenu.
41 NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”