Nehemiah 3
1 Kwasuka u-Eliyashibhi, umphristi omkhulu nabanye abaphristi, bakha kabusha iSango Lezimvu, balinikela, bamisa namasango ezindaweni zawo. Banikela ugange kusukela eMbhoshongweni Wekhulu kuze kube seMbhoshongweni KaHananeli.
2 Eduze kwakhe kwakwakha amadoda aseJerikho, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa nguZakhari, indodona ka-Imri.
3 ISango Lenhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasena. Afaka imishayo namasango ezindaweni zakho, afaka imigoqo nezihluthulelo.
4 Ingxenye elandelayo yalungiswa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, umzukulu kaHakozi. Elandelayo yakhiwa nguMeshulami, indodana kaBherekhiya, umzukulu kaMeshezabheli. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana kaBhahana.
5 Ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda aseThekhowa, kodwa abaholi bakulowo muzi benqaba ukwenza umsebenzi ababewunikwe ngabaphathi babo.
6 ISango iJeshana lakhiwa nguJoyada, indodana kaPhaseya, noMeshulami, indodana kaBhesodeya. Bafaka imishayo namasango ezindaweni zakho, bafaka imigoqo nezihluthulelo.
7 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMelathiya waseGibheyoni, noJadoni waseMeronothi, kwathi ingxenye elandelayo yakhiwa ngamadoda akwaGibheyoni naseMizpha kwaze kwayofika lapho kuhlala khona umbusi wesifundazwe esisentshonalanga yeYufrathe.
8 Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Uziyeli, indodana kaHarihaya, umkhandigolide. Elandelayo yayihamba ize iyofika oGangeni Olukhulu, yona yakhiwa kabusha nguHananiya, owayenza amakha.
9 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguRefaya, indodana kaHuri, umbusi wengxenye yesifunda eJerusalema.
10 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguJedaya, indodana kaHarumafi, kwazise yayiseduze nomuzi wakhe. Elandelayo yakhiwa nguHathushi, indodona kaHashabhineya.
11 Ingxenye elandelayo noMbhoshongo Wohhavini kwakhiwa nguMalikhija, indodana kaHarimi noHashubhi, indodana kaPhahathi Mowabi.
12 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShalumi, indodana kaHaloheshi, umbusi wenye ingxenye yesifunda eJerusalema. Amadodakazi akhe amsiza kulowo msebenzi.
13 ISango Lesigodi lakhiwa kabusha nguHanuni nezakhamuzi zomuzi iZanowa. Bamisa amasango ezindaweni zawo, bafaka imigoqo nezihluthulelo, bakha kabusha ugange olungamakhubhithi ayinkulungwane kuze kuyofika eSangweni Lomquba.
14 ISango Lomquba lakhiwa kabusha nguMalikhija, indodana kaRekhabhi, umbusi wesifunda eBhethi Hakhiheremi. Wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo.
15 ISango Lomthombo lakhiwa kabusha nguShalumi, indodana kaKholihoze, umbusi wesifunda eMizpha. Walakha, walifulela, wamisa amasango ezindaweni zawo, wafaka imigoqo nezihluthulelo, wakha nogange echibini iShela ngasengadini yenkosi, kwaze kwaba sezikhwelweni ezehlela emzini kaDavide.
16 Ingxenye elandelayo yayize iyofika ngaphambi kwedlinza likaDavide, kuya echibini nendlu yamaqhawe, kwakhiwa nguNehemiya, indodana ka-Azibhuki, umbusi wengxenye yesifunda iBhethi Zuri.
17 Laba baLevi abalandelayo bakha kabusha izingxenye ezithile zogange: uRehumi, indodana kaBhani, wakha ingxenye elandelayo; uHashabhiya, umbusi wengxenye yesifunda iKheyila, wakha ingxenye elandelayo, enzela isifunda sakhe.
18 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhavayi, indodana kaHenadadi, umbusi wenye ingxenye yesifunda iKheyila.
19 Ingxenye elandelayo ephambi kwendawo yezikhali kuze kuyofika endaweni lapho ugange lujika khona yakhiwa ngu-Ezeri, indodana kaJeshuwa, umbusi waseMizpha.
20 Ingxenye elandelayo kuze kuyofika esangweni lendlu yomphristi omkhulu, u-Eliyashibhi, yakhiwa nguBharukhi, indodana kaZabhayi.
21 Ingxenye elandelayo kuze kuyofika ekugcineni kwendlu ka-Eliyashibhi yakhiwa nguMeremothi, indodana ka-Uriya, indodana kaHakozi.
22 Emva kwakhe kwalungisa abaphristi namadoda asezindaweni ezazizungeze lapho.
23 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhenjamini noHashubhi, kwazise yayiphambi kwemizi yabo. Ingxenye elandelayo yakhiwa ngu-Azariya, indodana kaMahaseya, indodana ka-Ananiya, kwazise yayiphambi komuzi wakhe.
24 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguBhinuwi, indodana kaHenadadi, kusukela endlini ka-Azariya kuze kuyofika ejikeni logange.
25 UPhalali, indodana ka-Uzayi, wakha ingxenye elandelayo, kusukela ejikeni logange nombhoshongo wesigodlo esasingenhla eduze negceke labaqaphi. Emva kwakhe, uPhedayi, indodana kaPharoshi
26 nezisebenzi ezazihlala ethempelini e-Oferi, bakha kabusha ingxenye emalungana neSango Lamanzi, empumalanga yejika lombhoshongo. Lokhu kwakuseduze nengxenye yomuzi okwakuthiwa yi-Ofeli, lapho kwakuhlala khona amadoda ayesebenza ethempelini.
27 Ingxenye elandelayo esuka malungana nombhoshongo omkhulu oqaphe ithempeli kuze kuyofika eduze kodonga oluseduze ne-Ofeli, yakhiwa ngamadoda aseThekhowa. Lokho kwase kuyingxenye yawo yesibili.
28 Ngenhla kweSango Lehhashi, kwakha abaphristi, yilowo nalowo akha phambi komuzi wakhe.
29 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguZadoki, indodana ka-Imeri, ngoba yayiphambi komuzi wakhe. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguShemaya, indodana kaShekhaniya, umlindi wesango iMpumalanga.
30 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguHananiya, indodana kaShelemiya noHanuni, indodana kaZalafi yesithupha. Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMeshulamu, indodana kaBherekhiya, ngoba yayiphambi komuzi wakhe.
31 Ingxenye elandelayo yakhiwa nguMalikhija, umkhandigolide, kusukela endlini eyayisetshenziswa ngamadoda ayesebenza ethempelini nabahwebi, eyayingasesangweni iMifikhadi, eduze nendlu ephezu kogange, ejikeni elisenyakatho mpumalanga yalo.
32 Abakhandigolide, nabahwebi bakha ingxenye yokugcina, kusukela endlini esejikeni kuze kuyofika eSangweni Lezimvu.