Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Nehemiah 11

:
Zulu - 2020
1 Abaholi babantu bahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza unkatho, bakhetha oyedwa kwabalishumi ukuba ayohlala eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye emizini yakubo.
2 Abantu babusisa bonke abantu abazinikela ukuhlala eJerusalema.
3 Nazi izinhloko zezifundazwe ezazihlala eJerusalema, kodwa emizini yakwaJuda bonke babehlala ezindaweni zabo: abakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi, izisebenzi zasethempelini, nabozalo lwezinceku zikaSolomoni.
4 EJerusalema kwakuhlala abathile bakwaJuda nabakwaBhenjamini: ozalweni lukaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakhariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wozalo lukaPherezi;
5 noMahaseya kaBharukhi, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribhi, kaZakhariya, indodana yomShiloni.
6 Bonke abozalo lukaPherezi ababehlala eJerusalema kwakungamadoda anamandla angama-468.
7 Abozalo lukaBhenjamini: nguSalu kaMeshulamu, kaJohedi, kaPhedaya, kaKolaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya.
8 Emva kwakhe: nguGabhayi noSalayi, bengama-928.
9 UJoweli, indodana kaZikhiri, wayengumphathi wabo, uJuda, indodana kaHasenuwa, wayephethe ingxenye entsha yomuzi.
10 Kubaphristi: nguJedaya, indodana kaJoyaribhi, uJakhini,
11 noSeraya kaHilikiya, kaMeshulamu, kaZadoki, kaMerayothi, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu;
12 nabafowabo abaqhubeka benza umsebenzi wasethempelini, bengamadoda angama-822, no-Adaya kaJerohamu, kaPhelaliya, ka-Amizi, kaZakhariya, kaPhashuri, kaMalikhiya;
13 nabafowabo ababeyizinhloko zemindeni, bengamadoda angama-242, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemothi, ka-Imeri;
14 nabafowabo, amaqhawe anamandla ayeyi-128. Umphathi wabo omkhulu kwakunguZabhidiyeli, indodana kaHagedolimi.
15 KubaLevi: uShemaya kaHashubhi, ka-Azirikamu, kaHashabhiya, kaBhuni;
16 uShabhethayi noJozabhadi beyizinhloko zabaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,
17 noMathaniya kaMikha, kaZabhidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBhakibhukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abhida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
18 Bonke abaLevi abasemzini ongcwele babengama-284.
19 Abalindisango: ngu-Akubhi, uThalimoni, nabafowabo ababelinda ngasemasangweni, babeyi-172.
20 Abakwa-Israyeli abaseleyo, abaphristi nabaLevi, babekuyo yonke imizi yakwaJuda, yilowo endaweni eyifa lakhe.
21 Izisebenzi zasethempelini ezazihlala e-Ofeli, nguZiha noGishipha yibona ababeziphethe.
22 Umphathi wabaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBhani, kaHashabhiya, kaMathaniya, kaMikha wabozalo luka-Asafa, abaculi, ephethe umsebenzi wendlu kaNkulunkulu.
23 Abaculi babephethwe ngumyalelo wenkosi owawuqondisa abakwenzayo nsuku zonke.
24 UPhethahiya, indodana kaMeshezabheli, wabozalo lukaZera, indodana kaJuda, wayemele inkosi ezindabeni zonke eziphathelene nabantu.
25 Maqondana nemizana namasimu ayo, kwahlala abanye abantu bakwaJuda: eKiriyathi Arbha nasemizaneni yalo, eDibhoni nasemizaneni yalo, eJekabhizeyeli nasemizaneni yalo,
26 eJeshuwa, eMolada, eBhethi Phelethi,
27 eHazari Shuwali, eBheri Sheba nasemizaneni yalo,
28 eZikilagi, eMekhona nasemizaneni yalo,
29 e-Eni Rimoni, eZora, eJarimuthi,
30 eZanowa, e-Adulamu nasemizaneni yawo, eLakhishi namasimu alo, e-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBheri Sheba kuze kube sesigodini SikaHinomu.
31 Abozalo lukaBhenjamini, kusukela eGebha, bahlala eMikhimashi, e-Ayi, eBhethele nasemizaneni yalo,
32 e-Anathothi, eNobhi, e-Ananiya,
33 eHazori, eRama, eGithayimi,
34 eHadidi, eZebhoyimi, eNebhalathi,
35 eLodi nase-Ono, iSigodi Sababazi.
36 Elinye iqembu labaLevi bakwaJuda lahlala kwaBhenjamini.