Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Mark 10

:
Zulu - 2020
1 UJesu wasuka lapho, waya ezifundeni eJudiya nangaphesheya kweJordani. Izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengasemihleni.
2 Kwase kusondela abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo. Babemlinga.
3 Kepha waphendula, wathi kubo: “Kanti uMose waniyala wathini na?”
4 Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesehlukaniso, alahlwe.”
5 UJesu wayesethi kubo: “UMose wanibhalela lo myalo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu.
6 Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa, uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane.
7 Ngenxa yalokho, indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo.
8 Labo ababili bayakuba nyamanye, ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye.
9 Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, makungehlukaniswa ngumuntu.”
10 Sebesendlini, abafundi babuye bambuza ngalokho.
11 Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, unecala lokuphinga kumkakhe.
12 Nowesifazane uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”
13 Base beletha kuye abantwana abancane ukuba abaphathe, kodwa abafundi babakhuza.
14 UJesu ekubona lokho wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
15 Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo ongawemukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana, kasoze angena kuwo.”
16 Wayesebagona, wababusisa, ebeka izandla phezu kwabo.
17 Ekuphumeni kwakhe, esendleleni, kweza kuye umuntu egijima, waguqa phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzenjani ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade na?”
18 Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Akekho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu.
19 Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.”
20 Kepha yena wathi: “Mfundisi, ngikugcinile konke lokho kusukela ebusheni bami.”
21 UJesu wambheka, wamthanda, wayesethi kuye: “Kunye vo okusakusilele; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona-ke uzakuba nengcebo ezulwini, bese uza, ungilandele.”
22 Kepha lelo lizwi lamnyukubalisa, waphindela emuva ebhocobele, ngokuba wayecebe kakhulu.
23 UJesu waqalaza, wayesethi kubafundi bakhe: “Maye, kulukhuni kuyitshe kwabanothileyo ukuba bangene embusweni kaNkulunkulu!”
24 Abethusa abafundi lawo mazwi akhe. UJesu waqhubeka wathi: “Bantwana, kulukhuni kakhulu ukungena embusweni kaNkulunkulu.
25 Kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo, kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”
26 Bamangala kakhulu, omunye wathi komunye: “Pho ngubani ongasindiswa na?”
27 UJesu wababuka, wayesethi kubo: “Lokho akunakwenzeka kubantu, kepha kuNkulunkulu akunjalo, ngokuba kuNkulunkulu konke kungenzeka.”
28 UPhethro wayesethatha ethi kuye: “Uyabona, thina sikushiye konke, sakulandela.”
29 UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amasimu ngenxa yami nangenxa yevangeli,
30 ongayukwemukeliswa ngekhulu manje kulesi sikhathi: izindlu, abafowabo, odadewabo, onina, abantwana, amasimu, nokuhlushwa; esikhathini esizayo ukuphila okuphakade.
31 Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina bayakuba ngabokuqala.”
32 Besendleleni bekhuphukela eJerusalema, uJesu ehamba phambi kwabo, ababemlandela babemangele, benokwesaba. Waphinda futhi wathatha abali-12, wayeseqala ukubatshela ngokwakuzomehlela, ethi:
33 “Manje sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubaphristi abakhulu nezazimthetho. Bazakuyigweba ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe,
34 bayiklolodele, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale, kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”
35 Kwase kusondela kuye uJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.”
36 Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”
37 Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngakwesokhohlo sakho, enkazimulweni yakho.”
38 Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo na?”
39 Bathi kuye: “Singakwenza.” UJesu wathi kubo: “Yebo, isitsha engisiphuzayo niyakusiphuza, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo.
40 Kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelweyo.”
41 Kwathi ukuba abalishumi bakuzwe lokho, base bebathukuthelela oJakobe noJohane.
42 UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abangababusi bezizwe babusa ngesandla esiqinile, nezikhulu zazo zibaphatha ngonya.
43 Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu,
44 nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yabo bonke.
45 Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
46 Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni.
47 Kwathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha owayedlula, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
48 Abaningi bamkhuza, bathi makathule, kepha kwaba sengathi bayambhebhezela, wamemeza kakhulu ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
49 UJesu wayesema, wathi: “Mbizeni.” Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume, uyakubiza.”
50 Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu.
51 UJesu wathi kuyo: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?” Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”
52 UJesu wathi kuyo: “Hamba, ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yabona khona lapho, yayisimlandela endleleni.