Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Luke 6

:
Zulu - 2020
1 Kwathi ngesabatha, uJesu nabafundi bakhe bedabula emasimini, abafundi bakhe bakha izikhwebu, bazihlikihla ngezandla, bazidla.
2 Kepha abanye babaFarisi bathi: “Nikwenzelani okungavunyelwe ngesabatha na?”
3 UJesu wabaphendula, wathi: “Anifundanga yini ngokwenziwa nguDavide mhlazana yena nababenaye belambile,
4 ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zobukhona, okungavunyelwe ukuba zidliwe yinoma ngubani ngaphandle kwabaphristi kuphela, wazidla, wanika nababenaye na?”
5 Wathi kubo: “Indodana yomuntu iyiNkosi yesabatha.”
6 Kwathi ngelinye isabatha uJesu wangena esinagogeni, wafundisa. Kwakukhona lapho umuntu owayeshwabene isandla sokunene.
7 Izazimthetho nabaFarisi babeqaphile ukuthi uzakuphulukisa yini ngesabatha, ukuze bathole utho abangambeka icala ngalo.
8 Kepha uJesu ekwazi abakudlinzayo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma ume phakathi nendawo.” Yasukuma, yema.
9 UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe yini ukwenza okuhle noma okubi ngesabatha, ukusindisa noma ukubulala na?”
10 Wabaqalaza bonke qede wathi kuyo: “Yelula isandla sakho.” Yenza kanjalo, isandla sayo saphiliswa.
11 Bathukuthela bathelwa ngamanzi, bakhuluma bodwa bebonisana ukuthi bangamenzenjani uJesu.
12 Kwathi ngalezo zinsuku uJesu waphuma waya entabeni eyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.
13 Kuthe sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abali-12, wababiza ngokuthi abaphostoli:
14 USimoni owamqamba wathi nguPhethro, abanye kwakungo-Andreya umfowabo, uJakobe, uJohane, uFiliphu, uBhartholomewu,
15 uMathewu, uThomase, uJakobe ka-Alifewu, uSimoni okuthiwa isishisekeli,
16 uJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owamkhaphelayo.
17 Wayesehla nabo, wema endaweni eyithafa nesixuku esikhulu sabafundi bakhe, noquqaba lwabantu ababevela kulo lonke iJudiya, eJerusalema, nangasolwandle iThire neSidoni,
18 ababeze ukuzomlalela nokuba baphulukiswe ezifeni zabo, nalabo ababehlushwa ngomoya abangcolileyo; baphulukiswa.
19 Sonke isixuku sasifuna ukumthinta, ngokuba kwakunamandla ayephuma kuye aphilisa bonke.
20 UJesu, ewaphakamisela amehlo ngakubafundi, wathi: “Nibusisiwe nina enimpofu, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
21 Nibusisiwe nina enilambileyo manje, ngokuba niyakusuthiswa. Nibusisiwe nina enikhalayo manje, ngokuba niyakuhleka.
22 Nibusisiwe nxa abantu benizonda, benihlulula, benithuka, belichitha igama lenu sengathi libi, ngenxa yeNdodana yomuntu.
23 “Thokozani ngalolo lusuku, nitshekulise okwamathole yinjabulo. Ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini. Oyise benza kanjalo kubaphrofethi.
24 “Kepha maye, kinina enicebileyo, ngokuba senikwemukele ukududuzwa kwenu!
25 Maye, kinina enisuthiyo manje, ngokuba niyakulamba! Maye, kinina enihlekayo manje, ngokuba niyakukhala, nikhihle isililo!
26 Maye, kinina nonke abantu abakhuluma kahle ngani, ngokuba oyise benza kanjalo kubaphrofethi mbumbulu.
27 “Kepha kinina eningilaleleyo, ngithi kini: thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo,
28 nibabusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanihlukumezayo.
29 Lowo okushaya esihlathini, mnike nesinye, nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.
30 Yilowo nalowo ocela utho kuwe, muphe, nalowo okwephuca okungokwakho, ungakufuni futhi kuye.
31 Lokhu enithanda ukuba abantu bakwenze kini nani kwenzeni kanjalo kubo.
32 “Uma nithanda abanithandayo, niyakutuswa ngani na? Ngokuba nezoni ziyabathanda abazithandayo.
33 Uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, pho niyakubongwa ngani na? Ingani nezoni ziyakwenza khona lokho.
34 Uma nitsheleka labo enithemba ukwemukela kubo, niyakubongwa ngani na? Ingani nezoni ziyazitsheleka izoni, zibuyelwe okungangalokho ezikubolekisile.
35 Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi.
36 Yibani nesihawu, njengalokhu uYihlo enesihawu.
37 “Ningehluleli, khona ningayukwehlulelwa; ningalahli muntu ngecala, khona ningayukulahlwa ngecala; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
38 Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha eziqabethweni zenu isilinganiso esihle, esigxishiweyo, sashukuziswa, sagcwala phama, ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.”
39 Wabatshela nomzekeliso, wathi: “Impumputhe ingayihola yini enye impumputhe na? Aziyukukhalakathela emgodini zombili na?
40 Umfundi kangaphezulu komfundisi, kepha lowo oqeqeshwe ngokuphelelisiweyo, uyakuba njengomfundisi wakhe.
41 “Ubhekelani uthi olusesweni lomfowenu, ube ungaluboni ugongolo olukwelakho iso na?
42 Ungasho kanjani kumfowenu uthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe uthi olusesweni lakho,’ ube wena ungaluboni ugongolo olukwelakho iso na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olusesweni lakho, khona uzakubonisisa uthi olusesweni lomfowenu ukuze ulukhiphe.
43 “Ngokuba awukho umuthi omuhle othela isithelo esibi, futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle.
44 Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni.
45 Umuntu omuhle uveza okuhle engcebweni yenhliziyo enhle, nomubi uveza okubi engcebweni embi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
46 “Ningibizelani nithi: ‘Nkosi, Nkosi,’ nibe ningakwenzi engikushoyo na?
47 Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngizakunikhombisa ukuthi ufana nobani.
48 Ufana nomuntu owathi uma akha indlu, wemba wajula, wabeka isisekelo edwaleni. Kwafika izikhukhula, umfula wayishaya leyo ndlu, kepha awukwazanga ukuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.
49 Kodwa ozwayo angenzi, unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ngaphandle kwesisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”