Luke 17
1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Akunakwenzeka ukuba zingabi bikho izikhubekiso, kodwa maye, kulowo eziza ngaye!
2 Kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, aphonswe olwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.”
3 “Qaphelani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze, uma ephenduka, mthethelele.
4 Uma ekona kuze kube kasikhombisa ngosuku, elokhu ebuyela kuwe kasikhombisa, athi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.”
5 Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”
6 INkosi yayisithi: “Uma beninokukholwa okungangohlamvu lwesinaphi, beningathi kulesi sihlahla somthombe: ‘Zimbuka, utshaleke olwandle,’ sinilalele.
7 “Ngubani kini ongathi enenceku elimayo noma eyelusayo, bese kuthi isanda kubuya nje endle, athi kuyo: ‘Sondela ngokushesha, uhlale phansi, udle’ na?
8 Kunalokho akayukusho yini kuyo, athi: ‘Faka iphinifa lakho, ungilungisele engizokudla, ngidle, ngiphuze, andukuba wena udle, uphuze’ na?
9 Uyayibonga yini inceku, ngokuba ikwenzile lokho ekuyalelweyo na?
10 Kanjalo nani, uma senikwenzile konke enikuyalelweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho, ngokuba sikwenzile lokho obekufanele ukuba sikwenze.’ ”
11 Kwathi uJesu esahamba elibangise eJerusalema, wadabula eSamariya naseGalile.
12 Esangena emzaneni othile, wahlangana namadoda alishumi anochoko, ema buqamama,
13 ayesememeza ethi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”
14 Lapho esewabonile, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubaphristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
15 Enye yawo ibona ukuthi iphilisiwe, yabuyela emuva imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu.
16 Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya.
17 Kepha uJesu wakhuluma, wathi: “Akuhlanjululwanga yini abalishumi na? Pho baphi abayisishiyagalolunye?
18 Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?”
19 UJesu wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”
20 AbaFarisi bambuza uJesu ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini. Wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki nje ubonwa ngamehlo.
21 Futhi abayukusho, bathi: ‘Bhekani, nanku,’ noma ‘nankuya,’ ngokuba phela umbuso kaNkulunkulu ukini.”
22 Wayesethi kubafundi: “Izinsuku ziyeza, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kodwa aniyukulubona.
23 Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi.’ Ningayi lapho, futhi ningabalandeli.
24 Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kusukela ngapha kwesibhakabhaka kuya ngale, iyakuba njalo-ke iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
25 Kepha kuqala, kufanele ihlupheke ngokuningi, ilahlwe yilesi sizukulwane.
26 “Njengokuba kwakunjalo emihleni kaNowa, kuyakuba kanjalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.
27 Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwaba wusuku uNowa angena ngalo emkhunjini; kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
28 “Kanjalo njengalokhu kwenzeka ngezinsuku zikaLothi, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala futhi bakha.
29 Kepha kwathi ngosuku uLothi aphuma ngalo eSodoma, lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke.
30 Kuyakuba njalo-ke ngosuku eyakubonakaliswa ngalo iNdodana yomuntu.
31 Ngalolo lusuku oyakube ephezu kophahla lwendlu, impahla yakhe isendlini, makangehli ukuyoyithatha; kanjalo nosensimini, makangabuyeli emuva.
32 Khumbulani umkaLothi.
33 Ofuna ukulondoloza ukuphila kwakhe, uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa yikho, uyakukulondoloza.
34 Ngithi kini: ngalobo busuku, kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
35 Kuyakuba khona ababili begaya ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
36 Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.”
37 Base bephendula, bethi kuye: “Nkosi, lokho kuyokwenzeka kuphi na?” Wathi kubo: “Lapho kunesidumbu khona, kulapho-ke namanqe ebuthana khona.”