Leviticus 9
1 Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili, uMose wabiza u-Aroni namadodana akhe namalunga akwa-Israyeli.
2 Wathi ku-Aroni: “Zithathele ithole leduna libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa okungenasici, unikele ngakho phambi kukaSimakade.
3 Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo nenze ngayo umnikelo wesono, nethole, newundlu okunonyaka, okungenasici, kube ngumnikelo wokushiswa,
4 nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”
5 Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.
6 UMose wayesethi: “Nakhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze, ukuze ibonakale kini inkazimulo yakhe.”
7 UMose wathi ku-Aroni: “Sondela e-althare, unikele ngomnikelo wakho wesono, nangomnikelo wakho wokushiswa, uzenzele wena nabantu ukubuyisana andukuba unikele ngomnikelo wabantu ubenzele ukubuyisana, njengalokhu uSimakade eyalile.”
8 U-Aroni wasondela e-althare, wahlaba ithole lomnikelo wakhe wesono.
9 Amadodana akhe aletha igazi kuye, wagcobhoza ngomunwe kulo, walibheca ezimpondweni ze-althare, elinye igazi walithululela esinqeni se-althare,
10 kodwa amanoni nezinso nalawo asesibindini emnikelweni wesono wakushisa e-althare, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.
11 Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwenkambu.
12 Wahlaba nomnikelo wokushiswa; amadodana akhe aletha igazi kuye, wafafaza ngalo macala wonke e-althare.
13 Amnika izitho ngezitho zomnikelo wokushiswa, nenhloko, wakushisa e-althare.
14 Wageza ezangaphakathi namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-althare.
15 Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wabahlanza ngayo, njengaphambilini.
16 Waletha umnikelo wokushiswa, wawunikela njengalokhu kumisiwe.
17 Waletha nomnikelo wokusanhlamvu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-althare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.
18 Wahlaba inkunzi nenqama kwaba yimihlatshelo yokuthula ongowabantu; amadodana akhe aletha igazi, walifafaza nxazonke e-althare,
19 amanoni enkunzi, awenqama, awomsila ononileyo, umhlwehlwe, namanoni ezinso nawesibindi,
20 awabeka phezu kwesifuba; wawashisa kwaba nentuthu e-althare;
21 izifuba, nomlenze wangakwesokunene u-Aroni wakuzungezisa, kwaba ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade njengalokhu ayeyalile uMose.
22 U-Aroni waphakamisela izandla zakhe phezu kwabantu, wababusisa; wayesehla lapho ayekade enikela khona ngomnikelo wesono, nangomnikelo wokushiswa, nangeminikelo yokuthula.
23 UMose no-Aroni bangena ethendeni lokuhlangana, babuye baphuma, babusisa abantu. Inkazimulo kaSimakade bayibona bonke abantu.
24 Kwaphuma umlilo phambi kukaSimakade, waqothula umnikelo wokushiswa, namanoni okwakuse-althare; abantu bonke bekubona lokho, bakhamuluka, bakhothama phansi ngobuso.