Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Leviticus 6

:
Zulu - 2020
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
2 “Uma umuntu ona, enza isiphambeko kuSimakade ngokukhohlisa umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma eyisibambiso, noma amqole, noma ecindezela umakhelwane wakhe,
3 noma ethola into ebilahlekile bese eyiphika, noma afunge ngenkohliso mayelana nanoma yikuphi kwalokho akwenzileyo, uyona.
4 Kuyothi uma onile, wabona ukuthi unecala, akubuyisele lokho abekwebile, nakudlileyo, noma obekubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile, wakuthola;
5 nayikuphi afunge ngamanga ngakho, uyokubuyisela, aze athasisele okwesihlanu kukho, uyokunika lowo obelahlekelwe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.
6 Uyoletha kuSimakade umnikelo wakhe wecala, ube yinqama engenasici ayithathe emhlanjini noma olingana nayo ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, iyiswe kumphristi,
7 umphristi uyomenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade, athethelelwe konke akwenzile waba necala ngakho.”
8 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
9 “Yala u-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Nansi indlela engumthetho wokwenza umnikelo wokushiswa: umnikelo wokushiswa uyakuhlala e-althare ubusuku bonke kuze kube ngakusasa, umlilo ose-althare uhlale njalo uvutha.
10 Umphristi uyokwembatha isembatho sakhe selineni elimhlophe, agqoke ngaphansi ibhulukwe lakhe lelineni, bese esusa umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-althare, awuthele eceleni kwalo.
11 Uyokhumula izembatho zakhe, agqoke ezinye bese ekhiphela umlotha ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo.
12 Umlilo ose-althare kufanele uhlale uvutha, ungacinywa, umphristi uyokokhela izinkuni kuwo njalo ekuseni, ahlele umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.
13 Umlilo uyohlala uvutha njalo e-althare, ungacinywa.
14 ‘Lena yindlela yomthetho yomnikelo wokusanhlamvu eyolandelwa: amadodana ka-Aroni ayowunikela phambi kukaSimakade ngaphambi kwe-althare.
15 Ayocaphuna kuwo kugcwale isandla, impuphu ecolisekileyo namafutha omnikelo wokusanhlamvu, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wokusanhlamvu, akushise e-althare kube yisikhumbuzo sephunga elimnandi kuSimakade.
16 U-Aroni namadodana akhe bayodla okusele kuwo, bakudle kungenamvubelo endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana.
17 Akuyukubhakwa ngemvubelo. Ngikumisile kube yisabelo sabo eminikelweni yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nomnikelo wecala.
18 Bonke abesilisa phakathi kwezizukulwane zika-Aroni bayokudla lokho, kumisiwe kwaba yisabelo saphakade ezizukulwaneni ngezizukulwane zabo, emnikelweni yomlilo kaSimakade; noma yini ewuthintayo iyakuba ngcwele.’
19 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
20 “Lona ngumnikelo u-Aroni namadodana akhe abayakuwunikela kuSimakade mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo ojwayelekile; ingxenye yawo ekuseni nengxenye yawo kusihlwa.
21 Uyokwenziwa ngamafutha emqengeleni, uyowungenisa usuxutshwe kahle waba yizingcezu, uyowunikela uyizingcezu; ube yiphunga elimnandi kuSimakade.
22 Umphristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe, uyowunikela uyisabelo esimisiwe esiphakade sikaSimakade; uyoshiswa wonke.
23 Yonke iminikelo yokusanhlamvu yomphristi iyoshiswa yonke; ingadliwa.”
24 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
25 “Yisho ku-Aroni namadodana akhe, uthi: ‘Lena yindlela yomthetho eyolandelwa ngeminikelo yesono: umnikelo wesono kufanele uhlatshelwe endaweni lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa phambi kukaSimakade; ungcwelengcwele.
26 Umphristi onikela umnikelo wesono, uyowudla endaweni engcwele, egcekeni lethende lokuhlangana.
27 Noma yini eyothinta inyama yawo iyoba ngcwele; lapho igazi lawo lichaphazeleke engutsheni, uyoyigeza endaweni engcwele ingxenye yengubo echaphazelekile.
28 Kodwa isitsha sebumba obekuphekelwe kuso siyophihlizwa, kodwa uma bekuphekelwe kwesethusi kumele siphalwe bese sigezwa ngamanzi.
29 Uyakudliwa yibo bonke abesilisa phakathi kwabaphristi; ungcwelengcwele.
30 Kepha yonke iminikelo yesono okungeniswe igazi layo ethendeni lokuhlangana ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ayinakudliwa; iyoshiswa ngomlilo.’