Leviticus 182020

1USimakade wakhuluma kuMose, wathi:

2“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguSimakade uNkulunkulu wenu.

3Aniyukwenza njengokwemisebenzi yeGibhithe enanihlala kulo, futhi aniyukwenza njengokwemisebenzi yeKhanani enginiyisa kulo, aniyukuhamba ngemithetho yabo.

4Niyokwenza izehlulelo zami, nigcine imithetho yami, nihambe ngayo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.

5Niyogcina izimiso zami nezehlulelo zami; uma nizenza, niyakuphila ngazo; nginguSimakade.

6“ ‘Akuyukuba bikho phakathi kwenu oyosondela esihlotsheni sakhe embule ubunqunu baso; nginguSimakade.

7“ ‘Ubunqunu bukayihlo, nobunqunu bukanyoko, awuyukubembula; ungunyoko, awuyukubembula ubunqunu bakhe.

8“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamkayihlo; bungubunqunu bukayihlo.

9“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukadadewenu, indodakazi kayihlo noma indodakazi kanyoko, ezelwe kwenu, noma ezelwe kwelinye ikhaya.

10“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bendodakazi yendodana yakho, noma bendodakazi yendodakazi yakho, ngokuba ubunqunu babo bungubunqunu bakho.

11“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bendodakazi yomkayihlo, ezalwa nguyihlo; ingudadewenu.

12“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukababekazi wakho; uyisihlobo sikayihlo.

13“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukadadewabo kanyoko, ngokuba uyisihlobo sikanyoko.

14“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamfowabo kayihlo, ungasondeli kumkakhe; ungunyoko.

15“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamalokazana wakho; ungumkandodana yakho.

16“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bukamkamfowenu; bungubunqunu bukamfowenu.

17“ ‘Awuyukubembula ubunqunu bowesifazane nobendodakazi yakhe; awuyukuthatha indodakazi yendodana yakhe, noma indodakazi yendodakazi yakhe awuyukwembula ubunqunu bayo, ngokuba bayizihlobo; kungukonakala lokho.

18“ ‘Awuyukuthatha owesifazane abe yimbangi kadadewabo ukuba wembule ubunqunu bakhe esekhona udadewabo.

19“ ‘Awuyukusondela kowesifazane, wembule ubunqunu bakhe esangcolile ngokungcola kwakhe.

20“ ‘Awuyukulala nomkamakhelwane ukuzingcolisa ngaye.

21“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.

22“ ‘Awuyukulala nowesilisa njengowesifazane; kuyisinengiso lokho.

23“ ‘Awuyukulala nesilwane uzingcolise ngaso; nowesifazane akayukuma phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.

24“ ‘Ningazingcolisi noma ngayiphi yalezo zinto, ngokuba izizwe engazixosha phambi kwenu zazizingcolisa ngazo.

25Izwe lonakele, yingakho ngalihambela ngenxa yobubi balo ukuze ngilijezise, izwe labaphalaza abantu balo.

26Niyakugcina izimiso zami nezehlulelo zami, aniyukwenza nesisodwa salezi zinengiso, noma ngabe ngowolibo noma ngumfokazi ogogobele phakathi kwenu,

27ngokuba abantu bezwe abaphambi kwenu bazenzile lezi zinengiso, ngakho-ke izwe langcola.

28Izwe liyakuniphalaza uma nilingcolisa, njengalokho laphalaza isizwe esasikhona phambi kwenu.

29“ ‘Noma ngubani oyokwenza lezi zinengiso, lowo muntu uyonqunywa kwabakubo.

30Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Leviticus 18.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.