Lamentations 3
1 Ngingumuntu ohlupheke kakhulu, uNkulunkulu ungijezisile ngentukuthelo yakhe.
2 Ungixoshele ebumnyameni obukhulu.
3 Ungishaye ephindelela ubusuku nemini, engenqabela ukuba ngisondele kuye.
4 Ugugise inyama yami nesikhumba sami; wephula amathambo ami.
5 Wakhe udonga, wangibiyela ngobuthi nobunzima.
6 Ungihlalise ebumnyameni obunzulu, njengalabo abafa kudala.
7 Ungihaqe nxazonke, angikwazi ukuphunyuka, wangibopha ngamaketanga asindayo.
8 Nalapho ngikhala ngicela usizo, akawunakanga umkhuleko wami.
9 Izindlela zami uzibiyele ngomthangala wamatshe, indlela yami wayigwegwisa.
10 Ufane kimi nebhele elicuthileyo, nanjengengonyama icuthe endaweni esithekileyo.
11 Ungichezukise endleleni yami, wanginikiza ngaba yizicutshana, wangishiya ngimantwenguntwengu.
12 Wakhokha umnsalo wakhe, wangimisa ngaba yinkololo yemicibisholo yakhe.
13 Wangihlaba ezinsweni ngemicibisholo yomgodla wakhe.
14 Sengiyinhlekisa kubo bonke abantu bakithi, bahaya ngami izingoma nsuku zonke.
15 Ungisuthise ngomunyu, wangiphuzisa inyongo.
16 Ungiqumbe othulini, amazinyo ami ephulwa ngumgubane.
17 Ungemuke ukuthula, angisakwazi ukujabula, nezinto ezinhle azisekho.
18 Ngase ngithi: “Angisakwazi ukubekezela; nethemba lami kuSimakade alisekho.”
19 Uma ngikhumbula ukuhlupheka kwami nokuba ngumhambuma, kufana nenhlaba nenyongo.
20 Lapho ngicabanga ngalezi zinto, ngiyadideka.
21 Noma kunjalo ngisazoqhubeka ngibe nethemba, uma ngicabanga ngoSimakade.
22 Uthando lwakhe lungunakaphakade, ububele bakhe abunamukhawulo.
23 Kusha nsuku zonke, ukwethembeka kwakhe kukhulu.
24 Ngathi: “USimakade uyisabelo sami, ngakho-ke ngizokwethembela kuye.”
25 USimakade muhle kulowo omlindelayo, kulowo omfunayo.
26 Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade.
27 Kuhle ukuba umuntu athwale ijoka esemusha.
28 Makahlale yedwa, athule, ngokuba nguSimakade omethwese lona.
29 Makabeke umlomo wakhe othulini, hleze lingakhona ithemba.
30 Makamnike isihlathi ommukulayo, asuthe inhlamba.
31 Ngokuba iNkosi ayinakusilahla kuze kube phakade.
32 Noma ikudabukisile, iyokuhawukela ngobukhulu bobubele bayo.
33 Ngokuba akuveli enhliziyweni yayo ukuhlupha, nokudabukisa abantwana babantu.
34 Lapho zonke iziboshwa emhlabeni zidovadovwa ngezinyawo;
35 nalapho ubulungiswa buphanjaniswa phambi koPhezukonke;
36 lapho icala lomangalelwe lihlanekezelwa, ngabe iNkosi ayikuboni lokho na?
37 Kukhona yini ongahlela bese enza akuhlelile, uma iNkosi ingakuvumelanga na?
38 Ngabe okuhle nokubi akwenzeki yini ngokuyala koPhezukonke na?
39 Kungani ukuba umuntu akhononde ngempilo yakhe na? Makakhononde ngezono zakhe.
40 Masibheke, sihlolisise izenzo zethu, sibuyele eNkosini.
41 Masiphakamise izinhliziyo zethu nezandla zethu sikuphakamisele kuNkulunkulu ezulwini, sithi:
42 “Sonile, sakuhlubuka, Wena Nkosi awuzithalaliselanga izono zethu.
43 “Uzembese ngolaka, wasixosha, wabulala, awaze waba naluzwelo.
44 Uzifihle efwini, ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli kuwe.
45 Usenze saba yizibi nemfucumfucu phakathi kwezizwe.
46 “Zonke izitha zethu ziyasiklolodela.
47 Sehlelwe wuvalo, sizungezwe yimigodi; ukubhujiswa nencithakalo kuphezu kwethu.”
48 Kugobhoza imifula yezinyembezi emehlweni ami, ngenxa yokubhujiswa kwendodakazi yabantu bami.
49 Amehlo ami agobhoza izinyembezi, azinqamuki, azinamkhawulo;
50 aze abheke uSimakade, abone esezulwini.
51 Lokho okubonwa ngamehlo ami, kuyayihlubula inhliziyo yami, ngenxa yalokho okwenziwe kwabesifazane bomuzi wakithi.
52 Abangizondela ize, bangizingelisisa okwenyoni.
53 Bangiphonse emgodini, bawugcika ngamatshe.
54 Amanzi angigubuzela ikhanda. Ngathi: “Kuphelile ngami!”
55 Ngakhuleka kuwe, Simakade, ngisemgodini phansi.
56 Walizwa izwi lami lapho ngithi: “Ungayisithezi indlebe yakho ekunxuseni kwami, ngicela usizo.”
57 Lapho ngikubiza, ngicela usizo, weza kimi, wathi: “Ungesabi.”
58 Nkosi, uyimele indaba yami, wayihlenga impilo yami.
59 Simakade, ukubonile okubi okwenziwe kimi; yehlulela, ungimelele.
60 Ukubonile ukulangazelela kwabo ukuba baphindisele, nawo wonke amacebo abo ngami.
61 Uyizwile yonke inhlamba abangethuke ngayo, Simakade, nozungu abangakhele lona.
62 Bakhuluma futhi bacabange nto yinye nje: ukuthi bangangilimaza kanjani.
63 Noma behleli noma bemile, ngiyihubo labo lokukloloda.
64 Simakade, uyaphindisela kumuntu ngokwemisebenzi yakhe; ngiphindiselele kubo ngabakwenze kimi!
65 Bashaye ngobumpumputhe, udide imiqondo yabo, beka isiqalekiso sakho phezu kwabo!
66 Baxoshe ngentukuthelo yakho, ubabhubhise, kungasali namunye phansi kwezulu likaSimakade.