Judges 52020

1UDebhora noBharaki, indodana ka-Abhinowami, bacula ngalolo lusuku, bathi:

2“Uma abaholi bakwa-Israyeli behamba phambili, nabantu bazinikela ngokukhululeka, makadunyiswe uSimakade!

3“Lalelani makhosi, bekani indlebe zikhulu, ngizakumhubela uSimakade ngizakuhlabelela kuSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

4“Simakade lapho uphuma eSeyiri, uphuma esifundeni kwa-Edomi umhlaba wazamazama namazulu ayithulula, amafu athulula amanzi.

5Izintaba zathuthumela phambi kukaSimakade waseSinayi, phambi kukaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.

6“Ezinsukwini zikaShamgari, indodana ka-Anathi, ezinsukwini zikaJayeli, abantu bayibalekela imigwaqo emikhulu, abahamba ngalezo ndlela bahamba ngezindlela ezimazombezombe.

7Imizi yakwa-Israyeli yama ingenamuntu, Debhora, kwaze kwafika wena, wafika njengonina ku-Israyeli.

8Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?

9Inhliziyo yami ikubaholi bakwa-Israyeli abazinikele phakathi kwabantu. Dumisani uSimakade!

10“Khulumani ngakho, nina enigibela izimbongolo ezimhlophe, nina enihlala emacansini ezinjinga, nani enedlula ngendlela.

11Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.

12“ ‘Vuka, vuka, we Debhora! Vuka, vuka uhube ihubo. Vuka, we Bharaki, hola abathunjwa bakho, ndodana ka-Abhinowami.’

13“Kwase kwehla insali yesikhulu, abantu bakaSimakade bahamba behla ukubhekana nonamandla.

14Kusukela kwa-Efrayimi baphumela esigodini, kulandela wena Bhenjamini nabafowenu, kusukela eMakhiri, bahamba abakhuzi bempi behla kusukela kwaZebuloni, kwehla abaphethe induku yomkhuzi wempi.

15Izikhulu zakwa-Isakhare zeza noDebhora, no-Isakhare wethembeka kuBharaki; baphuthuma esigodini besezithendeni zakhe. Phakathi kwabomndeni kaRubeni kwaba nokuzihlola okukhulu ezinhliziyweni.

16Wahlalelani esihulugwini ukuze uzwe ukukhala kwemihlambi na? Phakathi kwabomndeni wakwaRubeni kwakukhona okukhulu ukuzihlola ezinhliziyweni.

17UGileyadi wahlala phesheya kweJordani; noDani walibalelani ngasemikhunjini, na? U-Ashera wahlala akanyakaza ogwini lolwandle, wahlala ngasethekwini lalo.

18UZebuloni yisizwe samadelakufa, noNafethali ngokunjalo, ezindaweni eziphakemeyo zezwe.

19“Amakhosi afika, alwa; alwa namakhosi aseKhanani, eThahanakhi, ngasemanzini eMegido; awatholanga mpango yesiliva.

20Izinkanyezi zalwa ezulwini, emizileni yazo zalwa noSisera.

21Umfudlana iKhishoni wabakhukhula, umfudlana odla izindwani, umfudlana iKhishoni. Nyathela, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.

22Kwezwakala umsindo wezinselo zamahhashi zigabadula, zigabadula izinjomane ezinamandla.

23‘Qalekisani iMerozi,’ kusho ingelosi kaSimakade; ‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo, ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade, ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’

24“Ungobusisiwe kwabesifazane, Jayeli mkaHebhere umKheni, ungobusisiwe kwabesifazane abahlala emathendeni.

25Wacela amanzi, wamnika ubisi, wamlethela izangqondo ngomcengezi ofanele amakhosi.

26Wabeka isandla sakhe esikhonkwaneni sethende nesokudla sakhe esandweni sezisebenzi; wamgqema ingozi uSisera wamfihliza ikhanda, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.

27Wawa, wadindiliza, wawa ngasezinyaweni zakhe, wawela lapho, wafa.

28“Walunguza efasiteleni unina kaSisera, wakhala ngemuva kwekhethini, ethi: ‘Ilibaleleni inqola yakhe ukubuya, na? Uphi umsindo wezinqola zakhe, na?’

29Abesifazane bakhe abahlakaniphileyo bayaphendula, wawuphendula yena uqobo umbuzo:

30‘Bayitholile, futhi ababelani impango, na? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni; impango yezinto ezidayiwe kuSisera, impango yezinto ezidayiwe zahlotshiswa, iziqephu ezimbili zomsebenzi oyimpango odayiwe wahlotshiswa, ongowentamo yami.’

31“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Judges 5.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.