Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Joshua 5

:
Zulu - 2020
1 Kwathi lapho wonke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo wonke amakhosi amaKhanani ayegudle ulwandle, ezwa ukuthi uSimakade womise amanzi eJordani baze bawela bonke abantu bakwa-Israyeli, angenwa ngamanzi emadolweni, aphelelwa yisibindi ngenxa yabantu bakwa-Israyeli.
2 Ngaleso sikhathi uSimakade wathi kuJoshuwa: “Yenza imimese ngetshe lensengetsha bese usoka abantu bakwa-Israyeli okwesibili.”
3 Ngakho-ke uJoshuwa wazenzela imimese ngetshe lensengetsha, wasoka abantu bakwa-Israyeli eGqumeni Lamajwabu.
4 Kwakuyilesi isizathu sokuba uJoshuwa abasoke: bonke abesilisa kubantu abaphuma eGibhithe, nawo wonke amabutho, babefele endleleni ehlane emveni kokuphuma kwabo eGibhithe.
5 Nakuba bonke ababephume eGibhithe babesokiwe, bonke abazalelwa endleleni kudatshulwa ehlane emveni kokuphuma eGibhithe, babengasokiwe.
6 Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.
7 Waphakamisa abantwana babo esikhundleni sabo, uJoshuwa wabasoka ngokuba babengasokwanga endleleni;
8 kwathi sebesokiwe bonke, bahlala lapho, baze baphola.
9 USimakade wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngilisusile kini ihlazo laseGibhithe.” Yingakho leyo ndawo ibizwa ngokuthi yiGiligali, kuze kube namuhla.
10 Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli besakanise eGiligali bagubha uMkhosi wePhasika esigodini iJerikho, kusihlwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala.
11 Ngosuku olulandela umkhosi wePhasika, nangalo lolo lusuku, badla umkhiqizo weKhanani, isinkwa esingenamvubelo nokusanhlamvu okugazingiwe.
12 Yanqamuka imana ngosuku abaqala ngalo ukudla umkhiqizo weKhanani, abantu bakwa-Israyeli ababange besaba nayo imana, badla izithelo zeKhanani ngalowo nyaka.
13 Kuthe uJoshuwa eseseduze kwaseJerikho, wathi ebheka, wabona indoda imi phambi kwakhe, iphethe inkemba esandleni. UJoshuwa waya kuyo, wathi: “Ungomunye wethu noma ungomunye wezitha zethu, na?”
14 Yaphendula yathi: “Angisiye omunye walokho kokubili, kodwa ngingumkhuzi wempi kaSimakade, sengifikile ngizonisiza.” UJoshuwa wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, eyihlonipha, kodwa wathi kuyo: “Nkosi, uyiyala inceku yakho ukuba yenzeni na?”
15 Umkhuzi wempi kaSimakade wathi kuJoshuwa: “Khumula izimbadada zakho ezinyaweni ngokuba indawo omi kuyo ingcwele.” UJoshuwa wenza kanjalo.