Joshua 12
1 Nanka amakhosi ezwe u-Israyeli awanqoba, amazwe awo ahlala kuwo kusukela ngaphesheya kweJordani kuya empumalanga, kusukela esigodini i-Arinoni kuya entabeni iHermoni, nalo lonke i-Araba ngasempumalanga:
2 inkosi uSihoni wama-Amori owayehlala eHeshibhoni, ebusa kusukela e-Aroweri elisonqenqemeni lwesigodi i-Arinoni, naphakathi nesigodi, kuze kufike emfuleni iJabhoki, umngcele wama-Amoni okungukuthi yingxenye kwaGileyadi,
3 ne-Araba kuya olwandle iKhinerethi, kuya oLwandle i-Araba, nasoLwandle Lukasawoti ngasempumalanga, endleleni eya eBhethi Jeshimothi eningizimu phansi kwemithambeka iPhisiga,
4 nenkosi u-Ogi waseBhashani, owayengomunye wamaRefa okugcina owahlala e-Ashitharothi nase-Edreyi,
5 ebusa phezu kwentaba iHermoni, eSalekha, nakulo lonke iBhashani kuze kufike emngceleni wamaGeshuri nowaMahakhathi, nengxenye kwaGileyadi kuya emngceleni kaSihoni inkosi yaseHeshibhoni.
6 UMose, inceku kaSimakade, nabakwa-Israyeli babanqoba; uMose, inceku kaSimakade, walinikeza izwe abakwaRubeni, nabakwaGadi, nengxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.
7 Lawa ngamakhosi ezwe anqotshwa nguJoshuwa nabakwa-Israyeli entshonalanga yeJordani, kusuka eBhali Gadi esigodini iLebhanoni kuya entabeni iHalakhi ekuphakama kwayo kubheke eSeyiri, uJoshuwa wanikeza izizwana zakwa-Israyeli izwe labo laba yifa lazo njengokwabelwa kwazo,
8 elisezintabeni, emathafeni, elise-Araba, elemithambeka, elisehlane, naseNegevu, izwe lamaHithi, elama-Amori, elamaKhanani, elamaPherizi, elamaHivi, nelamaJebusi:
9 inkosi yaseJerikho: iyodwa; inkosi yase-Ayi eliseduze kweBhethele: iyodwa;
10 inkosi yaseJerusalema: iyodwa; inkosi yaseHebhroni: iyodwa;
11 inkosi yaseJarimuthi: iyodwa; inkosi yaseLakhishi: iyodwa;
12 inkosi yase-Egiloni: iyodwa; inkosi yaseGezeri: iyodwa;
13 inkosi yaseDebhiri: iyodwa; inkosi yaseGederi: iyodwa;
14 inkosi yaseHorma: iyodwa; inkosi yase-Aradi: iyodwa;
15 inkosi yaseLibhina: iyodwa; inkosi yase-Adulamu: iyodwa;
16 inkosi yaseMakheda: iyodwa; inkosi yaseBhethele: iyodwa;
17 inkosi yaseThaphuwa: iyodwa; inkosi yaseHeferi: iyodwa;
18 inkosi yase-Afekhi: iyodwa; inkosi yaseLasharoni: iyodwa;
19 inkosi yaseMadoni: iyodwa; inkosi yaseHazori: iyodwa;
20 inkosi yaseShimroni Meroni: iyodwa; inkosi yase-Akhishafi: iyodwa;
21 inkosi yaseThanakhi: iyodwa; inkosi yaseMegido: iyodwa;
22 inkosi yaseKedeshi: iyodwa; inkosi yaseJokhineyami eKharmeli: iyodwa;
23 inkosi yaseDori egqumeni laseDori: iyodwa; inkosi yaseGoyimi eseGalile: iyodwa;
24 nenkosi yaseThiriza: iyodwa; esewonke amakhosi ayengama-31.