Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jonah 4

:
Zulu - 2020
1 UJona ekubona lokho okwenziwe, wathukuthela wagana unwabu.
2 Wase ekhuleka kuSimakade, wathi: “Simakade, angikushongo yini lokhu kwasekuqaleni ngesikhathi ngisesezweni lakithi na? Yingakho ngashesha ngabalekela eTharishishi, ngoba ngangazi kahle ukuthi Wena unguNkulunkulu onomusa, owephuza ukuthukuthela, unobubele obukhulu, uyayithambisa inhliziyo yakho ungabe usakwenza okubi obukuhlosile.
3 Manje Simakade, ngiyakucela ukuba ungibulale ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuphila.”
4 USimakade wathi: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka na?”
5 UJona wasuka waphuma emzini, wahlala ngasempumalanga yawo, wazakhela idlangala wahlala kulo elinde ukubona ukuthi yini ezokwenzeka emzini.
6 USimakade uNkulunkulu wahlumisa isihlahla somhlakuva esenzela uJona umthunzi. UJona wawujabulela kakhulu umthunzi womhlakuva.
7 Ngakusasa entathakusa uNkulunkulu wathumela impehla, yaphehla umhlakuva, wabuna.
8 Kuthe lapho selibalele likhipha umkhovu etsheni, uNkulunkulu wathumela umoya weshisandlu. Ilanga lahlaba ekhanda likaJona waze wacishe waquleka. Wazicelela kuNkulunkulu ukuba afe, ethi: “Kungcono ukufa kunophila.”
9 UNkulunkulu wathi kuJona: “Unaso yini isizathu sokuba uthukuthele kangaka ngenxa yomhlakuva na?” Wathi: “Ngithukuthele kakhulu ngangokuba ngingafa nokufa.”
10 USimakade wathi: “Wena ukhathazekele umhlakuva ongawukhandlekelanga, nongawukhulisanga, ovumbuke nje ngobusuku obubodwa, wabuye washabalala ngobusuku obulandelayo.
11 Akufanele yini mina ngikhathazeke ngeNineve, umuzi omkhulukazi, onabantu abangaphezu kwezi-120 000, abangakwazi ukwehlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, futhi onemfuyo eningi kangaka na?”