1UJona esezibilini zenhlanzi, wakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wakhe,
2wathi: “Ngakhala kuSimakade ngisengozini, ngicindezelekile, Yena wangiphendula. Ngisezinzulwini kwelabafileyo, ngakhala ngicela usizo, Wena walizwa izwi lami.
3Wena wangiphonsa ezinzulwini zolwandle, amagagasi angizungeza nxazonke, amadlambi akho namagagasi akho angisibekela.
4Ngase ngithi: ‘Ngixoshiwe ebusweni bakho, nokho ngiyobuye ngilibone ithempeli lakho elingcwele.’
5Amanzi angihaqa, ukujula kolwandle kwangizungeza nxazonke, izintandela zathandela ekhanda lami.
6Ngazika ngafinyelela ezisekelweni zezintaba, endaweni yabafileyo. Izinsika zomhlaba zangivalela phakade; kepha Wena, Simakade Nkulunkulu wami, wayophula impilo yami emgodini.
7“Lapho ngiphelelwa ngamandla ngamkhumbula uSimakade, umkhuleko wami wafinyelela kuwe, ethempelini lakho elingcwele.
8Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.
9Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”
10USimakade wayiyala inhlanzi ukuba imhlanze uJona, yase imkhafulela emhlabathini owomileyo.