John 172020

1UJesu wakhuluma lezi zinto, wayesephakamisela amehlo akhe ezulwini, wathi: “Baba, isikhathi sesifikile, khazimulisa iNdodana, ukuze iNdodana ikukhazimulise.

2Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.

3Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi Wena wedwa, Nkulunkulu oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Khristu.

4Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwufezile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.

5Manje-ke ngikhazimulise Wena Baba, kanye nawe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, umhlaba ungakabi bikho.

6“Ngilibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasemhlabeni. Babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.

7Sebeyazi ukuthi konke ongiphe khona kuvela kuwe.

8Ngokuba amazwi ongiphe wona, ngibaphile wona, bawamukela; bazi impela ukuthi ngavela kuwe, futhi bakholwa ukuthi ngithunywe nguwe.

9Ngiyabakhulekela; angikhulekeli umhlaba, kodwa kuphela labo ongiphe bona, ngokuba bangabakho.

10Konke okwami kungokwakho, nalokho okungokwakho kungokwami. Ngikhazimulisiwe kubo.

11Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.

12Ngesikhathi ngisenabo emhlabeni, ngibalondile egameni lakho labo onginike bona. Ngibalondile, akwalahleka namunye kubo, kuphela lowo owayemiselwe ukulahlwa, ukuze kugcwaliseke umbhalo.

13“Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.

14Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba.

15Angiceli ukuba ubasuse emhlabeni, kodwa ukuba ubavikele komubi.

16Abasibo abezwe, njengalokhu nami ngingesiye owomhlaba.

17Bangcwelise ngeqiniso, izwi lakho liyiqiniso.

18Njengalokho wangithumela emhlabeni, nami ngibathumela emhlabeni.

19Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.

20“Angiceleli laba bodwa, kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo,

21ukuze bonke babe munye, njengalokhu Wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile.

22Inkazimulo ongiphe yona, nabo ngibaphile, ukuze babe munye, njengalokhu thina simunye.

23Mina ngikubo, nawe ukimi, baze bapheleliswe ebunyeni, ukuze umhlaba wazi ukuthi Wena ungithumile, nabo wabathanda njengalokhu ungithandile.

24“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.

25“Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kodwa Mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.

26Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for John 17.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.