1“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.
2Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; ukuba bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukuyonilungisela indawo.
3Nakuba ngiya ukunilungisela indawo, ngiyobuye ngize, nginilande ukuze nani nibe lapho ngikhona.
4Lapho ngiya khona, niyayazi indlela.”
5UThomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona. Pho singayazi kanjani indlela na?”
6UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
7Ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba; kodwa niyamazi manje, futhi nimbonile.”
8UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, lokho kuyakwenela kithi.”
9UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka ngihleli nani, namanje awukangazi, Filiphuna? Ongibonile Mina, umbonile uBaba. Pho usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo’ na?
10Awukholwa yini ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi na? Amazwi engiwakhulumayo Mina kini, angiwakhulumi ngokwami; kodwa uBaba ohleli kimi wenza imisebenzi yakhe.
11Kholwani ukuthi Mina ngikuBaba, noBaba ukimi. Uma kungenjalo, kholwani ngenxa yemisebenzi uqobo lwayo.
12Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo Mina, naye uyakuyenza; uyakwenza nemikhulu kunale, ngokuba Mina ngiya kuBaba.
13Noma yini eniyakuyicela egameni lami, ngiyakuyenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.
14Uma nicela utho kimi egameni lami, ngiyakulwenza.
15“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.
16Ngiyakucela kuBaba ukuba aniphe omunye uMduduzi ukuba ahlale kini kuze kube phakade;
17uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, futhi lingamazi. Nina niyamazi Yena, lokhu uhlala nani, uyakuba kini.
18“Angiyukunishiya niyizintandane, kodwa ngiyakubuya ngize kini;
19kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.
20Ngalolo suku niyakukwazi ukuthi Mina ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini.
21“Lowo onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo. Ongithandayo uyakuthandwa nguBaba; nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”
22UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kungani ukuba uthi uyakuzibonakalisa kithi, kodwa ungazibonakalisi kulo izwe na?”
23UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami. UBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.
24Ongangithandiyo akawagcini amazwi ami. Izwi enilizwayo akusilo elami, kodwa ngelikaBaba ongithumileyo.
25“Nginitshelile lokhu ngisahleli nani.
26Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami, uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.
27“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.
28“Nizwile, nganitshela ngathi: ngiyahamba, kodwa ngiyakubuya ngize kini. Uma ningithanda beniyojabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami.
29Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe lapho sekwenzekile.
30Angisezukukhuluma nani ngenabe, ngokuba umbusi waleli lizwe uyeza, nokho-ke akanamandla kimi,
31kepha ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, nokuthi ngenza njengalokhu uBaba engiyalile. “Sukumani, sihambe lapha.”