1Bethani uphondo eZiyoni, nihlabe umkhosi entabeni yami engcwele, mazithuthumele zonke izakhamuzi ezweni, ngokuba luyeza usuku lukaSimakade, impela selusondele.
2Usuku lobumnyama nesigayegaye, usuku lwamafu nobumnyama obukhulu, njengentathakusa yendlaleka ezintabeni, kunjalo nokuza kwezinkumbi zabantu abanamandla abangakaze babekhona kwasemandulo, nabangasoze babakhona abanjalo emva kwabo kuze kube yiminyaka yezizukulwane ngezizukulwane.
3Phambi kwabo kuqothula umlilo, emva kwabo kuvutha ilangabi; izwe eliphambi kwabo linjengensimu e-Edeni, kodwa emva kwabo liyihlane elingenalutho, akukho okuphunyukayo kubo.
4Ukubukeka kwabo kufana nesimo samahhashi, bagijima njengabagibele amahhashi empi.
5Bagqabashiya kube sengathi ngumsindo wezinqola ezicongweni zezintaba, nanjengomsindo welangabi lomlilo ongqongqisa amahlanga, banjengabantu abanamandla abavivela ukulwa.
6Phambi kwabo izizwe ziyathuthumela, ubuso bonke buphaphatheke.
7Bagijima njengamaqhawe, njengamabutho empi ekhuphuka ongangeni. Bayahamba, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe, abaphambuki endleleni yabo.
8Abakhubani omunye nomunye; bayahamba, kube yilowo nalowo endleni yakhe; abayeki ukungena ngodli phakathi kwezikhali.
9Batheleka emzini, bagijime ogangeni; bakhuphukele ezindlini, bangulukudele ngamafasitela njengesela.
10Umhlaba uyazamazama phambi kwabo, isibhakabhaka sithuthumele phambi kwabo. Ilanga nenyanga kuyakubamnyama bhuqe, nezinkanyezi zigodle ukukhanya kwazo.
11USimakade ulikhiphile izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba amabutho akhe maningi kakhulu, impela owenza izwi lakhe unamandla. Nokho usuku lukaSimakade lukhulu, futhi luyesabeka ngokwedlulele. Pho ngubani ongalumela na?
12USimakade uyakhuluma uthi: “Ngisho namanje buyelani kimi ngenhliziyo yenu nonke, ngokuzila ukudla, ngokukhala, nangokulila.”
13Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.
14Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?
15Bethani uphondo eZiyoni, nimemezele usuku olungcwele lokuzila ukudla, nibize umhlangano.
16Qoqani abantu, ningcwelise umhlangano, niqoqe amalunga, izingane nezinsana ezisancela. Umyeni makaphume ekamelweni lakhe nomlobokazi emgonqweni wakhe.
17Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade, mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Simakade, ungalenzi ifa lakho libe yinto yokuthukwa nenhlekisa, kungani kufanele bathi phakathi kwabezizwe: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”
18USimakade walihawukela izwe lakhe, waba nesihe kubantu bakhe.
19USimakade waphendula wathi kubantu bakhe: “Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, niyakusutha ngakho, ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.
20Ngiyakuyidudulela kude nani impi yasenyakatho, ngiyixoshele ezweni eligagadekile neliyincithakalo, ubuso bayo bubheke ngasolwandle empumalanga, ingemuva layo lifulathele ngasolwandle entshonalanga, ukunuka kwayo kukhuphuke, kwenyuke nephunga layo elibi, ngokuba wenze izinto ezinkulu.
21“Lizwe, ungesabi; jabula uthokoze, ngokuba uSimakade wenzile izinto ezinkulu.
22Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.
23Jabulani, bantu baseZiyoni, nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unipha imvula yokuqala ngokulunga, uninisele imvula yokuqala neyakamuva ngenyanga yokuqala.
24Izibuya ziyakugcwala okusanhlamvu, izikhamo ziphuphume iwayini elisha namafutha amasha.
25“Ngiyakunibuyisela iminyaka okwadla ngayo isikhonyane, amaqhwagi, isibotho nenkasa, impi yami enkulu engayithumela kini.
26Impela niyakudla nisuthe, nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu onenzele okumangalisayo; abantu bami abayukujabha ingunaphakade.
27Niyakukwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli, nokuthi Mina nginguSimakade uNkulunkulu wenu, akekho omunye; abantu bami abayukujabha kuze kube phakade.
28“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono.
29Ngalezo zinsuku ngiyakuthululela uMoya wami naphezu kwezinceku nezincekukazi.
30Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini nasemhlabeni, igazi, umlilo nezikhatha zentuthu.
31Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaSimakade.
32Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”