Job 5
1 “Ake umemeze: ukhona yini okuphendulayo na? Yimuphi kwabangcwele oyakuphendukela kuye na?
2 Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.
3 Ngisibonile isiwula sisimama siba nezimpande, ngase ngiqalekisa indlu yaso ngokuphazima kweso.
4 Abantwana baso abavikelekile impela, bayagandaywa esangweni, abanaye umhlengi.
5 Isivuno sabo sidliwa ngabalambileyo, basikhipha ngisho emeveni, nabanxaniwe balangazelela ingcebo yabo.
6 Usizi aluveli othulini, nenhlupheko ayiphumi emhlabathini.
7 Wonke umuntu uzalelwe ukuhlupheka, njengoba nezinhlansi ziqhasha zibheke phezulu.
8 “Kepha mina bengiyakumfuna uNkulunkulu, kuNkulunkulu bengiyakuyibeka indaba yami,
9 Yena owenza izinto ezinkulu, ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,
10 Yena onisa imvula emhlabeni, athumele amanzi ebusweni bomhlaba,
11 ukuze aphakamise abaphansi, aphakamisele phezulu, endaweni ephephileyo, abakhalayo.
12 Ubhuntshisa amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nampumelelo.
13 Ubamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo, achithe ngokushesha iseluleko soyisigwegwe.
14 Bahlangabezana nobumnyama emini kwabha, baphuphutheke emini, kube sengathi kusebusuku.
15 Kepha abantulayo uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo, nasesandleni sonamandla.
16 Ngakho-ke ompofu unethemba; ububi buvale umlomo wabo.
17 “Uyadela lowo muntu uNkulunkulu amsolayo, ngakho-ke ungakwedeleli ukuqondisa kukaSomandla.
18 Ngokuba uyalimaza, abuye abophe, uyashaya, kodwa izandla zakhe zibuye ziphilise.
19 Uyokuhlenga ezinhluphekweni eziyisithupha, yebo, nakweziyisikhombisa awuyukuthintwa wububi.
20 Endlaleni uyakukuhlenga, ungafi, akukhulule nasemandleni enkemba empini.
21 Uyakukufihla olimini oluhlabayo, awuyukwesaba ukubhubha lapho kufika.
22 Ukubhubha nendlala uyokuhleka usulu, ungazesabi nezilo zomhlaba.
23 Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle, izilo zasendle zihlalisana ngokuthula nawe.
24 Uyokwazi ukuthi ithende lakho liphephile, lapho uhlola indlu yakho, uyothola ukuthi awulahlekelwe yilutho.
25 Uyokwazi ukuthi izizukulwane zakho ziyakuba ziningi, nabozalo lwakho babe njengotshani emhlabeni.
26 Uyokufa usumdala impela, njengesixha samabele esibhulweni, ngesikhathi sawo.
27 Bheka lokhu, sikuphenyisisile, kunjalo, kulalele, ukwazi wena luqobo.”