Job 32020

1Emveni kwalokho uJobe wakhuluma; waqalekisa usuku lwakhe.

2UJobe wathi:

3“Malubhubhe usuku engazalwa ngalo, nobusuku okwathiwa: ‘Ukhulelwe ingane yomfana.’

4Lolo lusuku malube ngubumnyama, uNkulunkulu ephezulu makangalunaki, ukukhanya makungakhanyi kulo.

5Ubumnyama nethunzi lokufa makunikwe lona, kuhlale ifu phezu kwalo, ubumnyama bosuku bulethuse.

6Lobo busuku mabubanjwe yisigayegaye sobumnyama, bungathokozi phakathi kwezinsuku zonyaka, lungabalwa phakathi kwezinsuku zenyanga.

7Yebo, lobo busuku mabube yinyumba, kungezwakali msindo wenjabulo kubo.

8Mabaluqalekise labo abaqalekisa usuku, labo abalungele ukuvusa uLeviyathani.

9Izinkanyezi zokuhwelela kobusuku maziphenduke ubumnyama, mabulindele ukukhanya kodwa kungabi bikho, mabungakuboni ukuntwela kokusa,

10ngokuba abuzivalanga izivalo zesizalo sikamame, abuyifihlanga inkathazo emehlweni ami.

11“Kungani ngingafelanga esiswini na? Angibhubhanga ngani lapho ngiphuma esizalweni na?

12Amadolo angemukelelani, namabele ukuba ngincele na?

13Ngokuba manje ngabe ngilele, ngithule, ngabe ngilele ubuthongo, ngiphumule

14kanye namakhosi nabeluleki bomhlaba, labo abazakhela kabusha izindawo ezazicekelwe phansi,

15noma kanye nezikhulu ezinegolide, ezazigcwalise izindlu zazo ngesiliva;

16noma kungani ngingagcwatshwanga njengokuphuphumileyo nanjengombungu ongalibonanga ilanga?

17Lapho izikhohlakali zingasakwazi ukuhlupha, nalapho abakhathele besekuphumuleni.

18Lapho iziboshwa zicanasa khona ndawonye, nezwi labacindezelayo zingasalizwa.

19Lapho abancane nabakhulu befana; isigqila sikhululekile kumniniso.

20“Kungani ukukhanya kunikwa ososizini, nokuphila, kwabanomunyu emphefumulweni,

21abalangazelela ukufa, kodwa kungafiki, abakufuna ukwedlula ingcebo ethukusiweyo,

22abathokoza, bethabe, bajabule uma bethola ingcwaba?

23Kungani ukukhanya kunikwa umuntu ongayiboni indlela yakhe, lowo uNkulunkulu ambiyele nxazonke na?

24Ukugquma kimi sekufana nokudla, nokububula kwami kuphophoza njengamanzi.

25Ngehlelwa yilokho engikwesabayo, nalokho enginovalo ngakho kuyangehlela.

26Anginakuthula, anginaluxolo, anginakuphumula; inkathazo ingehlele.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Job 3.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.