1“Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.
2Indodakazi uZiyoni ngiyifanisa nedlelo elihle.
3Abelusi nemihlambi yabo bayotheleka kuyo, bamise amathende abo ngakuyo, nxazonke, beluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.
4“Zingcweliseleni ukulwa nayo; vukani, masihlasele emini. Maye, kithi! Ngokuba ilanga seliyashona, namathunzi okuhlwa aselulekile.
5Vukani, masihlasele ebusuku, masizibhubhise izinqaba zalo.”
6Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Gawulani imithi yalo, ninqwabele indunduma ngakulo iJerusalema. Umuzi wonke uyojeziswa, ngayo yonke ingcindezelo ephakathi kwawo.
7Njengomthombo ogcina amanzi awo emahle, nalo ligcina kanjalo ububi balo; ubudlova nokucekela phansi kuyezwakala kuwo; ukugula namanxeba kuphambi kwami njalo.
8Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”
9Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Insali yakwa-Israyeli bayakuyikhothoza nokuyikhothoza njengomvini. Njengovuna amagilebhisi, yedlulisa isandla sakho phezu kwamagatsha.”
10Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.
11Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.
12Izindlu zabo, amasimu abo nomkabo kuyakunikelwa kwabanye kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhile ezweni,” kusho uSimakade.
13“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.
14Belaphile ukuphoqoka kwabantu bami ngokuyekethisa, bethi: ‘Ukuthula, ukuthula,’ kepha kungekho ukuthula.
15Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.
16Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’
17Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Lalelani ukukhala kwecilongo,’ kepha, bathi: ‘Asiyukulilalela.’
18Ngalokho zwanini nina zizwe, wazi wena bandla ukuthi kuzokwenzakalani kubo.
19Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.
20Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”
21Ngakho usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bayakukhubeka kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe nomngani wakhe.”
22Usho kanje uSimakade, uthi: “Kuzakufika abantu bevela ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.
23Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bagibele amahhashi, bahleliwe njengamabutho eyokulwa, bahlelelwe ukulwa nawe, ndodakazi uZiyoni.”
24Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.
25Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.
26Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.
27“Ngikubekile ukuba ube ngumhloli nenqaba phakathi kwabantu bami, ukuze uqaphe, futhi uhlole inkambo yabo.
28Bahlubukile bonke nokuhlubuka, bahamba behleba; bayithusi nensimbi, bangababhubhisi bonke.
29Indawo engaphansi iyafutha, umthofi udliwe ngumlilo; impela bahlungelwa ize nje, ngokuba ababi abakhishiwe.
30Bayakuthiwa amanyela esiliva, ngokuba uSimakade ubalahlile.”