Jeremiah 6
1 “Bantu bakwaBhenjamini, balekani niyocasha, nisuke eJerusalema, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBhethi Hakeremi, ngokuba inhlekelele ilunguza ivela ngasenyakatho nokubhubhisa okukhulu.
2 Indodakazi uZiyoni ngiyifanisa nedlelo elihle.
3 Abelusi nemihlambi yabo bayotheleka kuyo, bamise amathende abo ngakuyo, nxazonke, beluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.
4 “Zingcweliseleni ukulwa nayo; vukani, masihlasele emini. Maye, kithi! Ngokuba ilanga seliyashona, namathunzi okuhlwa aselulekile.
5 Vukani, masihlasele ebusuku, masizibhubhise izinqaba zalo.”
6 Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Gawulani imithi yalo, ninqwabele indunduma ngakulo iJerusalema. Umuzi wonke uyojeziswa, ngayo yonke ingcindezelo ephakathi kwawo.
7 Njengomthombo ogcina amanzi awo emahle, nalo ligcina kanjalo ububi balo; ubudlova nokucekela phansi kuyezwakala kuwo; ukugula namanxeba kuphambi kwami njalo.
8 Xwaya, Jerusalema, funa ngikufulathele, ngikwenze incithakalo, izwe okungahlalwa kulo.”
9 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Insali yakwa-Israyeli bayakuyikhothoza nokuyikhothoza njengomvini. Njengovuna amagilebhisi, yedlulisa isandla sakho phezu kwamagatsha.”
10 Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.
11 Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.
12 Izindlu zabo, amasimu abo nomkabo kuyakunikelwa kwabanye kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhile ezweni,” kusho uSimakade.
13 “Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.
14 Belaphile ukuphoqoka kwabantu bami ngokuyekethisa, bethi: ‘Ukuthula, ukuthula,’ kepha kungekho ukuthula.
15 Abanamahloni ngenxa yezinengiso abazenzileyo, abanamahloni nakancane, abakwazi nokukhophoza; ngalokho bayakuwela kulabo asebewile; ngesikhathi sokubajezisa kwami bayakukhubeka,” kusho uSimakade.
16 Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’
17 Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Lalelani ukukhala kwecilongo,’ kepha, bathi: ‘Asiyukulilalela.’
18 Ngalokho zwanini nina zizwe, wazi wena bandla ukuthi kuzokwenzakalani kubo.
19 Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.
20 Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”
21 Ngakho usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bayakukhubeka kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe nomngani wakhe.”
22 Usho kanje uSimakade, uthi: “Kuzakufika abantu bevela ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.
23 Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bagibele amahhashi, bahleliwe njengamabutho eyokulwa, bahlelelwe ukulwa nawe, ndodakazi uZiyoni.”
24 Siyizwile imibiko ngabo: izandla zethu zayetha; usizi lusikhungethe, lunjengemihelo yokubeletha.
25 Ningaphumeli endle, ningahambi emgwaqweni, ngokuba isitha sinenkemba, kugcwele ukwesabeka nxazonke.
26 Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.
27 “Ngikubekile ukuba ube ngumhloli nenqaba phakathi kwabantu bami, ukuze uqaphe, futhi uhlole inkambo yabo.
28 Bahlubukile bonke nokuhlubuka, bahamba behleba; bayithusi nensimbi, bangababhubhisi bonke.
29 Indawo engaphansi iyafutha, umthofi udliwe ngumlilo; impela bahlungelwa ize nje, ngokuba ababi abakhishiwe.
30 Bayakuthiwa amanyela esiliva, ngokuba uSimakade ubalahlile.”