Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 52

:
Zulu - 2020
1 UZedekiya waqala ukubusa eneminyaka engama-21, wabusa iminyaka eli-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina.
2 Wenza okubi phambi kukaSimakade okunjengakho konke okwakwenziwe nguJehoyakimi.
3 Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.
4 Kwathi ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi lwayo, kwafika eJerusalema uNebhukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, nawo wonke amabutho akhe, balivimbezela. Bakanisa ngaphandle komuzi, bakha khona udonga lokuvimbezela nxazonke.
5 Umuzi wawuvimbezela kanjalo-ke, kwaze kwaba ngunyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya.
6 Ngenyanga yesine, mhla ziyisishiyagalolunye kuleyo nyanga, kwabhoka indlala enkulu emzini, kwakungekho kudla kwabantu bezwe.
7 Izingange zomuzi zabhodlozwa. Wonke amabutho abaleka, aphulukundlela emzini ebusuku, aphuma ngendlela esesangweni eliphakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi. AmaKhaledi ayewuzungeze nxazonke umuzi, nokho amabutho ahamba ngendlela eya e-Arabha.
8 Kepha amabutho amaKhaledi ayihubha inkosi, amfica uZedekiya emathafeni aseJerikho, amabutho akhe wonke ahlakazeka.
9 Ayibamba inkosi, aya nayo enkosini yaseBhabhele, eRibhila, eHamathi, wayigweba.
10 Inkosi yaseBhabhele yawabulala amadodana kaZedekiya ezibonela ngawakhe amehlo. Yazibulala zonke nezikhulu zakwaJuda eRibhila.
11 Inkosi yaseBhabhele yamkopolota amehlo uZedekiya, yambopha ngamaketanga, yamyisa eBhabhele, yamfaka ejele, kwaze kwaba lusuku afa ngalo.
12 Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga, okwakungunyaka we-19 wokubusa kwenkosi uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, kwafika eJerusalema uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBhabhele.
13 Washisa indlu kaSimakade, isigodlo senkosi, zonke izindlu eJerusalema, nazo zonke izindlu ezinkulu, wakushisa ngomlilo kwangqongqa.
14 Wonke amabutho amaKhaledi ayenenduna yabalindi azidiliza zonke izingange eJerusalema.
15 UNebuzaradani, induna yabalindi, wathumba abantu abathile ababempofu, ababesele emzini, nalabo ababehlubukele enkosini yaseBhabhele, nezingcweti ezazisele.
16 Kepha uNebuzaradani, induna yabalindi, wabashiya abantu abathile bezwe, ababempofu, ukuba basebenze ezivinini nasemasimini.
17 Izinsika zethusi ezazisesigodlweni, izinqe, ulwandle lwethusi, konke okwakusendlini kaSimakade; amaKhaledi akufahlaza, kwathi konke okwakwenziwe ngethusi kwathuthelwa eBhabhele.
18 Amabhodwe, amafosholo, izizenze, imicakulo, izinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngakho, akuthatha.
19 Induna yabalindi yathatha izindebe, imicengezi yomlilo, izitsha, amabhodwe, izinti zezibani, izinkezo, izinkamba, okwakwenziwe ngegolide elicwengekileyo nesiliva elicwengekileyo.
20 Izinsika zombili, ulwandle olwalulunye nje luhlangene nezinkabi ezili-12 zethusi ezaziphansi kwalo, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaSimakade, ithusi lakho konke lokho lalingenakulinganiswa.
21 Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakungamakhubhithi ali-18; umucu ongamakhubhithi ali-12 wawuyizungeza; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo.
22 Kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakungamakhubhithi ayisihlanu; kwakukhona nenetha namahananadi phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakwenziwe ngethusi; yayinjengaleyo nensika yesibili eyayinamahananadi.
23 Kwakukhona amahananadi angama-96 ngasemaceleni; wonke amahananadi ayesenetheni nxazonke, ayeyikhulu.
24 Induna yabalindi yathumba uSeraya, umphristi omkhulu, noZefaniya, umphristi wesibili, nabalindimnyango abathathu.
25 Emzini yathumba induna eyayengamele amabutho, nabantu abayisikhombisa ababeluleka inkosi abatholakala emzini, umbhali wenduna yamabutho eyayibala abantu ezweni, nabantu ababesezweni abangama-60 abatholakala emzini.
26 UNebuzaradani, induna yabalindi, wabathatha, wabayisa enkosini yaseBhabhele, eRibhila.
27 Inkosi yaseBhabhele yabashaya, yababulala lapho eRibhila, eHamathi. UJuda wathunjwa kanjalo-ke ezweni lakubo.
28 Nampa abantu uNebukhadinezari abathumbayo: ngonyaka wesikhombisa wathumba abaJuda abayizi-3 023,
29 ngonyaka we-18 wokubusa kukaNebukhadinezari, wathumba eJerusalema abantu abangama-832.
30 Ngonyaka wama-23 wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebuzaradani, induna yabalindi, wathumba abaJuda abangama-745. Sebebonke abantu abathunjwayo babeyizi-4 600.
31 Kwathi ngonyaka wama-37 wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga ye-12, ngolwama-25 nanhlanu lwenyanga, u-Evili Merodakhi, inkosi yaseBhabhele; ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, wamxolela uJehoyakini, inkosi yakwaJuda, wamkhipha ejele.
32 Wakhuluma kahle naye, wamnika isikhundla esiphezulu kunesamanye amakhosi ayenaye eBhabhele.
33 Wazikhumula izingubo zakhe zasejele; wadla njalo etafuleni lakhe, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
34 Isabelo sakhe kwakuyisabelo esingapheli semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi yaseBhabhele, zonke izinsuku zokuphila kwakhe, kwaze kwaba lusuku afa ngalo.