Jeremiah 472020

1Izwi likaSimakade elafika kuJeremiya, umphrofethi, mayelana namaFilisti, ngaphambi kokuba uFaro alinqobe iGaza, lathi:

2Usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho, azakuba ngumfula okhukhulayo, azokhukhula izwe nokukulo, umuzi nabakhe kuwo. Abantu bayakukhala; bonke abakhe ezweni bayakukhala, bakhihle isililo.

3Ngomsindo wokugabadula kwezinselo zamahhashi akhe anamandla, ngobukhehlekhehle bezinqola zakhe, nangomsindo wamasondo akhe; oyise ababheki emuva kubantwana, ngenxa yobuntekenteke bezandla zabo,

4nangenxa yosuku oluzayo ukuzobhubhisa wonke amaFilisti, nokuqeda iThire neSidoni, bonke abasizi abasalayo; ngokuba uSimakade uyakuwabhubhisa amaFilisti, insali yesiqhingi iKhafithori.

5IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?

6“Awu wena nkemba kaSimakade, kuyoze kube nini ungathuli na? Buyela emgodleni wakho, uthule, uzole.

7Kepha ingaphumula kanjani, ngokuba uSimakade uyalezile na? Uyijubile e-Ashikeloni, nasogwini lolwandle.”

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Jeremiah 47.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.