Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 45

:
Zulu - 2020
1 Izwi uJeremiya, umphrofethi, alikhuluma kuBharukhi, indodana kaNeriya, ngesikhathi eloba lawa mazwi emqulwini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lithi:
2 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Bharukhi:
3 wena uthe: ‘Maye kimi! Ngokuba uSimakade wenezele usizi ezinhlungwini zami, ngikhathele ukububula, angikutholi ukuphumula.’
4 “Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe.
5 Wena uzifunela izinto ezinkulu na? Qha, ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele kubantu bonke, kusho uSimakade, ngikunike ukuphila kwakho kube njengempango, kuzo zonke izindawo oyakuya kuzo.’