Bible

Engage

Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 42

:
Zulu - 2020
1 Kwase kusondela bonke abakhuzi bempi, uJohanani indodana kaKhareya, uJezaniya indodana kaHosheya nabo bonke abantu abadala nabancane,
2 bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo.
3 Sinxusele ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho asikhombise indlela esiyakuhamba ngayo, nalokho esiyakukwenza.”
4 UJeremiya, umphrofethi, wayesethi kubo: “Nginizwile; bhekani, ngiyakukhuleka kuSimakade uNkulunkulu wenu njengoba ninxusile, kuyakuthi noma yiliphi izwi uSimakade ayoniphendula ngalo, nginitshele lona, angiyukunigodlela lutho.”
5 Bathi kuJeremiya: “USimakade makabe ngufakazi oqinisileyo nowethembekileyo oyakumelana nathi uma singenzi konke lokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ayakukuthumela kithi.
6 Siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye, noma ngabe lihle noma libi, ukuze kusihambele kahle, siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”
7 Kwathi ngemuva kwezinsuku ezilishumi, izwi likaSimakade lafika kuJeremiya.
8 Wayesebiza uJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bonke bempi ababenaye, nabantu bonke abancane nabadala,
9 wathi kubo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli eningithume kuye ukuba ngininxusele kuye, uthi:
10 ‘Uma niphenduka, niyakuhlala nokuhlala kuleli lizwe, ngiyakunakha nginganidilizi, ngiyakunitshala nginganisiphuli, ngokuba ngiyadabuka ngokubi engikwenzile kini.
11 Ningayesabi inkosi yaseBhabhele le eniyesabayo. Ningayesabi, kusho uSimakade, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginihlenge esandleni sayo.
12 Ngiyakunenzela ububele, nginiphathe ngomusa; iyakunibuyisela ezweni lakini.’
13 “Kepha uma nithi: ‘Asiyukuhlala kuleli lizwe,’ ngalokho ningalilaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu,
14 nithi: ‘Qha, siyakuya eGibhithe, sihlale khona, lapho singayukuyibona khona impi nomsindo wayo nokukhala kwamacilongo, futhi lapho singayukwentula khona ukudla, silambe.’
15 Ngakho-ke manje, yizwa izwi likaSimakade wena nsali yakwaJuda. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Uma niphikelela ukuya eGibhithe, ukuze nigogobale khona,
16 kuyakuthi inkemba eniyesabayo inifice khona eGibhithe, nifele lapho.
17 Kuyakuthi bonke abantu abayakulibhekisa eGibhithe ukuba bagogobale khona; bafe ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, akuyukuba bikho oyosinda, aphunyuke enhlekeleleni engiyobehlisela yona.’
18 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwababakhe eJerusalema, ngizothululela ulaka lwami kini uma niya eGibhithe. Niyokuba yisithuko nento esabekayo, isiqalekiso nehlazo, ngeke neze nisayibona le ndawo.’
19 “USimakade ukhulume kini nina nsali yakwaJuda, wathi: ‘Ningayi eGibhithe;’ impela yazini ukuthi ngiyanixwayisa namuhla.
20 Ngokuba nenze iphutha elikhulu ngokungithumela kuSimakade uNkulunkulu wenu, nithi: ‘Sinxusele kuSimakade uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uSimakade uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’
21 Nginitshelile namuhla, kodwa anililaleli izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, ngisho nokukodwa nje angithume khona kini.
22 Ngakho-ke yazini ngokweqiniso ukuthi niyakufa ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, niyofela kuleyo ndawo enifisa ukuya kuyo ukuba niyogogobala khona.”