Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 36

:
Zulu - 2020
1 Kwathi ngonyaka wesine wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwafika leli lizwi kuJeremiya livela kuSimakade, lathi:
2 “Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo wonke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli, nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela ngosuku engakhuluma ngalo kuwe ngezinsuku zokubusa kukaJosiya kuze kube namuhla.
3 Mhlawumbe indlu kaJuda iyakuzwa konke okubi engihlela ukukwenza kubo, ukuze baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, bese ngibathethelela ububi babo nezono zabo.”
4 UJeremiya wayesebiza uBharukhi indodana kaNeriya. UBharukhi waloba emqulwini wencwadi wonke amazwi kaSimakade ayewakhulume kuye, ewatshelwa nguJeremiya.
5 UJeremiya wamyala uBharukhi, wathi: “Mina ngivalelwe, angikwazi ukuya endlini kaSimakade.
6 Wena hamba, uye endlini kaSimakade ngosuku lokuzila ukudla, ufunde abantu bezwa, ufundele nabo bonke abavela emizini yakwaJuda, wonke amazwi kaSimakade engikutshele wona, wawaloba emqulwini.
7 Mhlawumbe ukunxusa kwabo kungase kufike phambi kukaSimakade, baphenduke, yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nolaka uSimakade akhulume ngakho kulaba bantu.”
8 UBharukhi, indodana kaNeriya, wenza konke uJeremiya, umphrofethi, ayemyale ngakho, wafunda encwadini amazwi kaSimakade endlini kaSimakade.
9 Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade.
10 UBharukhi wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya, endlini kaSimakade, ekamelweni likaGemariya, indodana kaShafani umbhali, elalisegcekeni elingenhla ngasekungeneni kwesango elisha lendlu kaSimakade, wafunda bonke abantu belalele.
11 UMikhaya, indodana kaGemariya kaShafani wezwa wonke amazwi kaSimakade ayekule ncwadi,
12 wayesehlela esigodlweni senkosi, ekamelweni lombhali; bheka, kwakuhleli khona zonke izikhulu: u-Elishamu umbhali, uDelaya indodana kaShemaya, u-Elinathani indodana ka-Akhibhori, uGemariya indodana kaShafani, uZedekiya indodana kaHananiya, nazo zonke izikhulu.
13 UMikhaya wazibikela wonke amazwi ayewezwile, ngesikhathi uBharukhi efundela abantu incwadi.
14 Zonke izikhulu zathuma uJehudi, indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKhushi kuBharukhi, zathi: “Umqulu owufundele abantu belalele wuthathe ngesandla sakho, uze nawo.” UBharukhi, indodana kaNeriya, wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, waya kuzo.
15 Zathi kuye: “Ake uhlale phansi, usifundele wona, silalele.” UBharukhi wayesezifundela wona zilalele.
16 Kwathi lapho seziwezwile wonke amazwi, zabhekana ngokwesaba, kwaba yilowo nalowo oseduze naye, zase zithi kuBharukhi: “Impela siyakuyibikela inkosi lawa mazwi.”
17 Zambuza uBharukhi, zathi: “Ake usitshele ukuthi uwalobe kanjani wonke lawa mazwi na? Ngabe wonke avela emlonyeni wakhe?”
18 UBharukhi, wathi kuzo: “Wawaphumisela wonke lawa mazwi kimi ngomlomo wakhe, ngawaloba encwadini ngoyinki.”
19 Izikhulu zathi kuBharukhi: “Hamba uyocasha, wena noJeremiya, ungatsheli muntu ukuthi nikuphi.”
20 Zase ziya enkosini egcekeni. Umqulu zaziwubeke ekamelweni lika-Elishama, umbhali, zase ziyibikela wonke lawa mazwi inkosi ilalele.
21 Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awulande umqulu; wawulanda ekamelweni lika-Elishama, umbhali. UJehudi wawufunda, inkosi nazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini zilalele.
22 Inkosi yayihlezi endlini yasebusika, ngenyanga yesishiyagalolunye, kunembawula evuthayo phambi kwayo.
23 Kwathi lapho uJehudi esefunde amakhasi amathathu noma amane, inkosi yawasika ngommese womlobi, yawaphonsa emlilweni osembawuleni, waze waphela wonke umqulu ushiswa ngomlilo osembawuleni.
24 Inkosi nezinceku zayo ezezwa wonke lawo mazwi, azesabanga, futhi aziziklebhulanga izingubo zazo.
25 U-Elinathani, uDelaya noGemariya babeyinxusile inkosi ukuba ingawushisi umqulu, kodwa ayibalalelanga.
26 Inkosi yayala uJerameli, indodana yenkosi, uSeraya, indodana ka-Aziriyeli noShelemiya, indodana ka-Abhideyeli ukuba babambe uBharukhi, umbhali noJeremiya, umphrofethi, kodwa uSimakade wabafihla.
27 Izwi likaSimakade lase lifika kuJeremiya, emveni kokuba inkosi isiwushisile umqulu namazwi ayelotshwe nguBharukhi, evela emlonyeni kaJeremiya, lathi:
28 “Phinda, uthathe omunye umqulu, ubhale kuwo wonke amazwi ayesemqulwini wokuqala oshiswe nguJehoyakimi, inkosi yakwaJuda.
29 Uyakuthi-ke kuJehoyakimi, inkosi yakwaJuda: ‘Usho kanje uSimakade uthi: uwushisile lo mqulu, uthi: “Ulobeleni kuwo ukuthi inkosi yaseBhabhele izofika nokufika izobhubhisa leli lizwe, yenze ukuba kungabe kusaba nabantu nezilwane kulo na?”
30 ‘Ngakho-ke usho kanje uSimakade ngoJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, uthi: akuyukuba namuntu oyohlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide; isidumbu sakhe siyakutshingwa ngaphandle ekushiseni kwasemini nasesithwathweni sasebusuku.
31 Ngizomjezisa yena nabozalo lwakhe, nezinceku zakhe, ngokona kwabo, ngehlisele phezu kwabo, nabakhileyo eJerusalema, nakubantu bakwaJuda yonke inhlekelele engikhulume ngayo, ngokuba abalalelanga.’
32 UJeremiya wayesethatha omunye umqulu, wawunika uBharukhi umbhali, indodana kaNeriya, waloba kuwo wonke amazwi encwadi akhulunywa nguJeremiya, wonke amazwi omqulu uJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ayewushise emlilweni. Kwathasiselwa kuwo amanye amazwi amaningi anjengawakuqala.