Bible

Transform

Your Worship Experience with Great Ease

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 33

:
Zulu - 2020
1 Izwi likaSimakade labuye lafika ngokwesibili kuJeremiya esavalelwe ejele elisegcekeni labalindi, lathi:
2 “Usho kanje uSimakade owenza umhlaba, wawubumba, wawumisa, nguSimakade igama lakhe, uthi:
3 ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’
4 Ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezigodlo zamakhosi akwaJuda ezidiliziwe ukuze kwakhiwe indunduma yokuvikela ekuhlaselweni nasenkembeni, uthi:
5 ‘AmaKhaledi azofika agcwalise le ndawo ngezidumbu zabantu engababulala ngentukuthelo yami nangolaka lwami, ngokuba ngiwufulathele lo muzi ngenxa yabo bonke ububi bawo.
6 ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele impumelelo nokulondeka okukhulu.
7 Ngiyoguqula ukuthunjwa kukaJuda nokuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.
8 Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngizithethelele zonke izono zabo abazenzileyo nabaphambuke ngazo kimi.
9 Umuzi uyakuba kimi yigama lokujabula, nodumo, nendumiso kuzo zonke izizwe zomhlaba eziyakuzwa ngakho konke okuhle engibenzela khona. Ziyokwesaba, zithuthumele ngenxa yakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’
10 “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Kuyakuzwakala futhi kule ndawo enithi ngayo iyincithakalo, akuhlali muntu nasilwane kuyo, emizini yakwaJuda, nasemigwaqweni eJerusalema ebhujisiweyo engenazakhamuzi, nabantu, nazilwane,
11 umsindo wokujabula nowentokozo, izwi lomyeni nelikamakoti, izwi lalabo abathi: “Bongani uSimakade Wamabandla, ngokuba uSimakade muhle, umusa wakhe umi phakade.” ‘Kuyozwakala nezwi labaletha iminikelo yokubonga endlini kaSimakade, ngokuba izwe ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwalo, liphinde libe njengakuqala,’ kusho uSimakade.
12 “Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: ‘Kuyakuthi kule ndawo eyincithakalo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo, kube khona amadlelo abelusi abayobuthisela khona imihlambi yabo.
13 Emizini esezintabeni, esehlanzeni, eseNegevu, esezweni lakwaBhenjamini, esemaphethelweni eJerusalema nasemizini yakwaJuda, kuyakubuye kudlule imihlambi ezandleni zalowo oyibalayo,’ kusho uSimakade.
14 ‘Bheka, ziyeza izinsuku, kusho uSimakade, lapho ngiyakufeza izwi elihle engilisho kuyo indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda.
15 ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga; liyakwenza ubulungiswa nokulunga emhlabeni.
16 Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa, neJerusalema liyakuhlala livikelekile. Yileli igama eliyakubizwa ngalo, elithi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.’
17 “Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: ‘UDavide akayukumswela umuntu oyohlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli.
18 Abaphristi abangabaLevi abayukumswela umuntu oyokuma phambi kwami anikele ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yokusanhlamvu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.’
19 Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya, lathi:
20 “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uma ningasephula isivumelwano sami nemini, nesivumelwano sami nobusuku, kungabe kusaba bikho mini nabusuku ngesikhathi sakho,
21 kanjalo nesivumelwano sami noDavide, inceku yami, sokuba kube khona ohlala esihlalweni sobukhosi abuse, siyakwephulwa kanjalo nakubaLevi, abaphristi, izikhonzi zami.
22 Njengalokhu ibandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa abozalo lukaDavide, inceku yami, nabaLevi abangikhonzayo.’
23 Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya, lathi:
24 “Awuzwanga yini laba bantu bekhuluma, bethi: ‘Imindeni yomibili uSimakade ayikhethayo uyilahlile na?’ Base bebadelela abantu bami, kwaze kwangathi abasesizwe phambi kwabo.
25 Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uma bengingenzanga isivumelwano sami nemini nobusuku, nezimiso nezulu nomhlaba,
26 bengiyakubalahla abozalo lukaJakobe nabolukaDavide, inceku yami, ngingathathi ozalweni lwakhe ababusi bozalo luka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabo futhi ngibahawukele.’