Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 24

:
Zulu - 2020
1 USimakade wangikhombisa; bheka, amaqoma amabili ayenamakhiwane ebekwe phambi kwethempeli likaSimakade, emveni kokuba uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, ayesethumbe oJekhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakwaJuda, nezingcweti nabacangcathi bensimbi, ebathumbe eJerusalema, wabayisa eBhabhele.
2 Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, kungathi ayizithelo zokuqala. Elinye iqoma linamakhiwane amabi kakhulu, ayengenakudliwa ngenxa yobubi bawo.
3 USimakade wayesethi kimi: “Jeremiya, ubonani na?” Ngathi: “Amakhiwane; amakhiwane amahle, mahle kakhulu; namabi, mabi kakhulu, ngeke adliwa ngenxa yobubi bawo.”
4 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
5 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubabheka kanjalo abathunjwa bakwaJuda, engibasusile kule ndawo, baya ezweni lamaKhaledi.
6 Amehlo ami ngiyakuwabhekisa kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli lizwe; ngibakhe ngingababhidlizi, ngibatshale ngingabasiphuli.
7 Ngiyakubanika inhliziyo yokuba bangiqonde ukuthi nginguSimakade. Bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo, bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.
8 ‘Kanjalo njengamakhiwane amabi angenakudliwa ngenxa yobubi bawo, “ngiyakwenza kanjalo kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, ezikhulwini zakhe, ensalini yaseJerusalema, abasele kuleli lizwe nabakhe eGibhithe, kusho uSimakade.
9 Ngiyakubenza babe yisinengiso nesikhubekiso emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, inhlekisa nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.
10 Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.”