Bible

Designed

For Churches, Made for Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Jeremiah 15

:
Zulu - 2020
1 USimakade wathi kimi: “Noma bekungama uMose noSamuweli phambi kwami, inhliziyo yami ibingeke ibe kulaba bantu. Basuse phambi kwami, mabaphume bahambe.
2 Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Sizoya kuphi na?’ Uyobatshela uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Abanqunyelwe ukufa, bayokufa; abanqunyelwe inkemba, inkemba; nabendlala, indlala; nabokuthunjwa, ukuthunjwa.’
3 “Ngiyakumisa phezu kwabo izinhlobo ezine,” kusho uSimakade: “inkemba yokubulala, izinja zokuhudula, izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudweshula nokubhubhisa.
4 Ngiyakubenza babe yinto engafunwa emibusweni yonke yomhlaba ngenxa yalokho okwenziwa nguManase, indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, eJerusalema.
5 “Ngubani oyakukuhawukela wena Jerusalema na? Ngubani oyakuba nozwelo kuwe na? Ngubani oyakuphambuka ukubuza impilo na?
6 Wena ungishiyile,” kusho uSimakade, “wabuyela emuva; ngiselulile isandla sami kuwe, ngakubhubhisa, ngikhathele ukukuhawukela.
7 Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe, ngabephuca izingane, ngabhubhisa abantu bami, kodwa abaphendukanga ezindleleni zabo.
8 Abafelokazi babo baningi kimi kunesihlabathi solwandle; ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umbhubhisi emini kwabha, ngehlisele phezu kwakhe ngokushesha, ukwesaba nengebhe.
9 Owazala abayisikhombisa usedangele, uyakhefuzela efuna umoya; ilanga limshonele emini; unamahloni, uyayangaza. Insali yabo ngiyakuyinikela enkembeni, phambi kwezitha zabo,” kusho uSimakade.
10 Maye, maye kimi lokhu ungizale ngaba ngumuntu wokuphikisana, nomuntu wokuxabanisa emhlabeni wonke! Angebolekanga lutho futhi angebolekwanga lutho; nokho bonke bayangiqalekisa.
11 USimakade, wathi: “Ngiyakukukhulula kube kuhle; impela isitha ngisenze sikunxuse ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.
12 “Insimbi ingephuka yini, insimbi evela enyakatho, nethusi na?
13 Ngiyakunikela ngemfuyo yakho nangengcebo yakho, kube yimpango; ungakhokhelwa lutho ngakho, ngenxa yazo zonke izono zakho kuzo zonke izifunda zakho.
14 Ngiyakukwenza ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjwe umlilo olakeni lwami; uyakunishisa.”
15 Simakade, Wena uyazi; ngikhumbule, unginake, ungiphindiselele kwabangizingelayo; ungangisusi ngenxa yolaka lwakho, yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.
16 Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi, nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Simakade Nkulunkulu Wamabandla.
17 Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo, futhi angizange ngithokoze; ngahlala ngedwa ngenxa yobunzima besandla sakho, ngokuba ungigcwalise ngentukuthelo.
18 Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.
19 Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: “Uma uphenduka, ngiyakukwemukela, uyakuma phambi kwami. Uma uveza okuyigugu phakathi kokungenamsebenzi, uyakuba ngumlomo wami. Yibo abazobuyela kuwe, akusiwena ozophendukela kubo.
20 Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayukukwahlula, ngokuba Mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” kusho uSimakade.
21 “Ngiyakukukhulula esandleni sababi, ngikuhlenge esandleni sabanonya.”