Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 7

:
Zulu - 2020
1 Kwathi ngezinsuku zika-Ahazi, indodana kaJothamu ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, uRezini, inkosi yase-Aramu benoPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphuka bayokulwa neJerusalema, kodwa abakwazanga ukulinqoba.
2 Kwathi lapho bezwa abendlu kaDavide, kuthiwa: “I-Aramu libambisene no-Efrayimi,” inhliziyo yakhe neyabantu bakhe yangenwa yitwetwe, banyakaza njengezihlahla zehlathi zinyakaziswa ngumoya.
3 USimakade wathi ku-Izaya: “Hamba uyobona u-Ahazi, wena noSheyari Jashubhi, indodana yakho, ungasekugcineni komsele wechibi elingenhla elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.
4 Ubothi kuye: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, ungadangali enhliziyweni yakho ngenxa yalezi ziphunzi zezikhuni ezimbili ezithunqayo, nangokuvutha kolaka lukaRezini ne-Aramu, nolwendodana kaRemaliya.
5 Ngokuba i-Aramu no-Efrayimi nendodana kaRemaliya bacebe ukukulimaza, bethi:
6 “Masikhuphukele kwelakwaJuda, silicekele phansi, sizinqobele lona, bese sibeka indodana kaThabheyeli, ilibuse.”
7 ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Akuyukuphumelela, futhi akuyukwenzeka,
8 ngokuba inhloko ye-Aramu yiDamaseku, inhloko yeDamaseku nguRezini; ingakapheli iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu u-Efrayimi uyobe esehlakaziwe, engasesona ngisho isizwe.
9 Inhloko yakwa-Efrayimi yiSamariya, inhloko yeSamariya yindodana kaRemaliya. Uma ningakholwa, impela aniyukuma.’
10 USimakade waqhubeka wakhuluma no-Ahazi, wathi:
11 “Zicelele isibonakaliso kuSimakade uNkulunkulu wakho, sibe ngesijule njengendawo yabafileyo noma ngesiphakame njengezulu.”
12 Kodwa u-Ahazi wathi: “Angiyukucela, futhi angiyukumlinga uSimakade.”
13 Wayesethi: “Ake ulalele wena ndlu kaDavide! Kawukhathali yini ukuhlupha abantu, sewufuna ukukhathaza ngisho uNkulunkulu wami na?
14 Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.
15 Uyodla izaqheqhe noju aze akwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle.
16 Ngokuba umntwana engakakwazi ukwala okubi nokukhetha okuhle, leli lizwe okhathazwa ngamakhosi alo amabili liyobe lingasenamuntu.
17 USimakade uzokwehlisela phezu kwakho, nabantu bakho, naphezu kwendlu kayihlo izinsuku ezingakaze zibonwe kusukela ngosuku u-Efrayimi aqembuka ngalo kwaJuda, inkosi yase-Asiriya iyoba nawe shaqa.”
18 Ngalolo lusuku uSimakade uyohlaba umkhosi ngekhwela kusabele izimpukane ezingasekugcineni kwemifudlana eGibhithe, nezinyosi e-Asiriya.
19 Ziyofike ziphumule kuzo zonke izigodi ezineziwa, nasemifantwini yamadwala, nasemahlanzeni wonke, nakuwo wonke amadlelo.
20 Ngalolo lusuku iNkosi iyakuphuca ngensingo eyiqashe ezifundeni ezingaphesheya komfula (okusho ukuthi inkosi yase-Asiriya), ikhanda neziboya emlenzeni, futhi iyihluthule isilevu.
21 Kuyothi ngalolo lusuku, umuntu uyofuya isithole nezimvu ezimbili kuphela,
22 bese kuthi ngobuningi bobisi esilukhiqizayo idle izaqheqhe, ngokuba izaqheqhe noju kuyodliwa yibo bonke abasele ezweni.
23 Kuyothi ngalolo lusuku yonke indawo lapho bekumila khona imivini eyinkulungwane, ithengise inkulungwane yezinhlamvu zesiliva, kumile ameva namakhakhasi.
24 Kuyoyiwa khona ngeminsalo nemicibisholo, ngokuba izwe liyobe seligcwele ameva namakhakhasi.
25 Izintaba zonke ebezilinywa ngamageja akusayukuyiwa kuzo ngenxa yokwesaba ameva namakhakhasi, kodwa sekuyokhashelwa kuzo izinkabi nezimvu, zikugxobe.