Bible

Focus

On Your Ministry and Not Your Media

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 54

:
Zulu - 2020
1 “Memeza ngokujabula wena nyumba, wena ongazalanga, qhumuka, umemeze ngokuthokoza, dazuluka wena ongakaze uhelelwe; ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” kusho uSimakade.
2 Yenze ibe banzi, indawo yethende lakho; mabazelule izihenqo zezindlu zenu, ungazibambezeli; yelula izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho.
3 Ngokuba uyakusabalalela ngakwesokunene nangakwesokhohlo; nabozalo lwakho bayakubusa izizwe, bakhe imizi echithekileyo.
4 “Ungesabi, ngokuba awuyukujabha; ungapheli amandla, ngokuba awuyukuthelwa ngehlazo; uyakukhohlwa yihlazo lobusha bakho, ungabe usawakhumbula amahloni obufelokazi bakho.
5 Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.
6 USimakade ukubizile njengomfazi oshiyiweyo nodabukileyo emoyeni; umfazi wobusha ukhona olahliweyo.” kusho uNkulunkulu wakho.
7 “Ngakushiya okwesikhashana, kodwa ngomusa omkhulu ngizokuqoqa.
8 Ngentukuthelo echichimayo, ngabusitheza ubuso bami kuwe isikhashana, kepha ngesihawu esingapheliyo, ngiyokuhawukela,” kusho uSimakade uMhlengi wakho.
9 “Lokho kimi kufana namanzi ezinsukwini zikaNowa: njengalokho ngafunga ukuthi amanzi kaNowa awasayukubuye awemboze umhlaba, kanjalo sengifungile ukuthi ngeke ngisakuthukuthelela, futhi ngeke ngikusole.
10 Yebo, izintaba zingasuswa, namagquma azanyazanyiswe, kodwa umusa wami awuyukusuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyukususwa,” kusho uSimakade okuhawukelayo.
11 “Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe, ongaduduzwanga, bheka, ngizokufaka amatshe esiliva, izisekelo zakho zibe ngamasafire.
12 Imibhoshongo yakho ngiyoyenza ngamarubhi, amasango akho ngekhristalo, nayo yonke imingcele yakho ibe ngamatshe ayigugu.
13 Bonke abantwana bakho bayakufundiswa nguSimakade, kube nokuthula okukhulu kubantwana bakho.
14 Uyakumiswa ngokulunga; ube kude nokucindezelwa, ngokuba awuyukwesaba, novalo luyoba kude nawe.
15 Uma kukhona okuqalayo, kuyobe kungaveli kimi lokho; noma ngubani okuqalayo uyakuwa ngenxa yakho.
16 “Mina ngidale umkhandi ovuthela amalahle emlilweni, akhiqize izikhali ezilungele umsebenzi wakhe; Mina ngidalile futhi umbhubhisi, ukuba abhubhise.
17 Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.