Bible

Power Up

Your Services with User-Friendly Software

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Isaiah 51

:
Zulu - 2020
1 “Ngilaleleni nina enilandela ukulunga, nina enifuna uSimakade. Bhekani edwaleni eniqhezulwe kulo, nasenkwalini enimbiwe kuyo.
2 Bhekani ku-Abhrahama, ukhokho wenu, nakuSara owanizalayo, ngokuba ngambiza eyedwa vo, kodwa ngambusisa, ngamandisa.
3 Ngokuba uSimakade uyoliduduza iZiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithiweyo; enze ihlane lalo libe njenge-Edene, nogwadule lwalo lube njengensimu kaSimakade; injabulo, nentokozo, ukubonga, nezwi lokuhlabelela kuyofunyanwa khona.
4 “Ngizweni bantu bami, nibeke indlebe kimi, sizwe sami, ngokuba kuyakuphuma umthetho kimi, nobulungiswa bami bube ngukukhanya ezizweni.
5 Ukulunga kwami sekusondele, insindiso yami isiphumile, izingalo zami ziyokwehlulela izizwe; iziqhingi ziyongilindela zethembele engalweni yami.
6 Phakamiselani amehlo enu ezulwini, nibheke emhlabeni phansi, ngokuba izulu liyakunyamalala njengentuthu, umhlaba uguge njengengubo, nabakhileyo kuwo bafe njengomiyane, kodwa insindiso yami iyakuma kuze kube phakade, nokulunga kwami akuyukuphela.
7 “Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.
8 Ngokuba inundu iyakubadla njengengubo, nebhu libadle njengoboya bezimvu, kodwa ukulunga kwami kuyakuma kuze kube phakade, nensindiso yami ezizukulwaneni ngezizukulwane.”
9 Vuka, vuka, wembathe amandla, wena ngalo kaSimakade, vuka njengasezinsukwini zasendulo, ezizukulwaneni zasemandulo. Akuwena yini owamnquma kabili uRahabi, wagwaza udrago, na?
10 Akuwena yini owomisa ulwandle, amanzi asotweni, owenza izinzulu zolwandle zaba yindlela okwawela ngayo abahlengiweyo na?
11 Abahlawulelweyo bakaSimakade bayobuya, bafike eZiyoni bejabula. Intokozo engapheliyo iyoba semakhanda abo phakade, bayothola injabulo nentokozo, kubaleke usizi nokububula.
12 “Mina, Mina nginguye oniduduzayo; ungubani wena ukuba wesabe umuntu ofayo, nendodana yomuntu eyenziwe yanjengotshani na?
13 Usumkhohliwe uSimakade uMenzi wakho, owaleneka izulu, wabeka nesisekelo somhlaba. Uthuthumele usuku lonke ngenxa yolaka lomcindezeli, ozilungiselela ukubhubhisa. Kepha luphi ulaka lomcindezeli na?
14 Othotshisiweyo uyosheshe akhululwe; akayukufa, akayukwehlela egodini, futhi akayukuswela sinkwa.
15 NginguSimakade uNkulunkulu wakho, onyakazisa ulwandle, amagagasi alo ahlokome; nguSimakade Wamabandla, igama lakhe.
16 Ngibeke amazwi ami emlonyeni wakho, ngakufihla ethunzini lesandla sami; ngeneke amazulu, ngamisa isisekelo somhlaba, ngathi eZiyoni: ‘Wena uyisizwe sami.’
17 Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuze esandleni sikaSimakade, indebe yolaka lwakhe; uphuze waminya esitsheni sendebe yokutengezela.
18 Akekho oliqondisayo phakathi kwawo wonke amadodana eliwazeleyo. Akekho olibamba ngesandla kuwo wonke amadodana eliwakhulisileyo.
19 Lezi zinto ezimbili zikwehlele; ngubani onozwelo kuwe na? Lapho wehlelwa yincithakalo, nokubhujiswa, indlala nenkemba, ngubani oyakukududuza na?
20 Amadodana akho adangele, alala emakhoneni emigwaqo yonke njengenyamazane esihibeni, agcwele ulaka lukaSimakade nesixwayiso sikaNkulunkulu wakho.
21 Ngakho-ke yizwa lokhu wena ohluphekayo nodakiweyo, kodwa kungeyilo iwayini;
22 isho kanje iNkosi yakho, uSimakade, uNkulunkulu wakho, Yona emela indaba yabantu bayo, ithi: “Bheka, ngiyisusile esandleni sakho indebe yokuntengezela; awuseyukubuye uphuze endebeni yolaka lwami.
23 Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo, abathi kuwe: ‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’ abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi, nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”