Isaiah 42
1 “Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.
2 Akayukukhala, akayukuliphakamisa izwi lakhe, akayukulizwakalisa izwi lakhe emigwaqweni.
3 Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqanyo akayukuwucima, uyakwenza ukwehlulela ngokweqiniso.
4 Akayukudangala, aphele amandla, aze amise ubulungiswa emhlabeni; neziqhingi ziyolindela ukuyala kwakhe.”
5 Usho kanje uNkulunkulu uSimakade owadala izulu, waleneka, wendlala umhlaba nokuvela kuwo; onika abantu abakuwo umphefumulo nomoya kwabahamba kuwo, uthi:
6 “Mina Simakade ngikubize ngokulunga, ngiyokubamba ngesandla sakho, ngikulondoloze, ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu, nokukhanya kwabezizwe,
7 ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa ejele, nabahlezi ebumnyameni ejele.
8 “NginguSimakade; yilelo igama lami; angiyukumnika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo, udumo lwami.
9 Izinto zakuqala zifikile, sengizakumemezela izinto ezintsha; zingakaqhamuki, ngiyakunenza nizizwe.”
10 Mhubeleni uSimakade ihubo elisha, indumiso yakhe kusukela emikhawulweni yomhlaba, nina enehlela olwandle nakho konke okukulo, nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.
11 Ihlane nemizi yalo makujabule, nemizana okwakhe kuyo abakwaKedari, abakhileyo eSela mabajabule bathokoze, mabenanele beseziqongweni zezintaba.
12 Mabamnike uSimakade udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.
13 USimakade uyakuphuma njengeqhawe, njengendoda yempi, uyakuvusa ukushisekela kwakhe, uyakumemeza ngezwi lokunqoba, akhuze isiqubulo sempi aziqonele izitha zakhe.
14 “Sengithule isikhathi eside; ngizibambile ngathula. Sengizokhala njengowesifazane ebeletha, ngihefuzele, ngibitoze ngasikhathi sinye.
15 Ngiyakuchitha izintaba namagquma kube yize, ngomise konke okumile kukho, ngiyokwenza imifula ibe yiziqhingi, ngishise amachibi.
16 Izimpumputhe ngiyozihambisa ngendlela ezingayaziyo, ngiyozihola emikhondweni ezingayaziyo, ngiyophendula ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, amagebhugebhu ahlelembeke, lezi zinto engiyozenza, angiyukuyeka ngingazenzi.
17 Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethembela ezithombeni ezibaziweyo, abathi ezithombeni ezibunjiweyo: ‘Ningonkulunkulu bethu.’
18 “Yizwani nina zithulu; bhekani nina zimpumputhe, ukuze nibone.
19 Ngubani oyimpumputhe ngaphandle kwenceku yami, nesithulu njengesithunywa sami engiyosithuma na? Ngubani oyimpumputhe njengozinikele kimi, noyimpumputhe njengenceku kaSimakade na?
20 Ubonile izinto eziningi, kodwa awuqaphelanga; nezindlebe zakho zivulekile, kodwa awuzwanga.”
21 Kwaba kuhle kuSimakade ngenxa yokulunga kwakhe, ukuba aphakamise umthetho wakhe, awenze uhlonipheke.
22 Kodwa laba bangabantu abaphuciweyo baphangwa; bonke bacushwe emigodini, bafihlwa emajele; bangabokuphangwa, akekho obasindisayo, bayimpango, akekho nothi: “Buyisa.”
23 Ngubani phakathi kwenu oyobeka indlebe kulokhu, aqaphele, ezwe okwesikhathi esizayo na?
24 Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe, no-Israyeli kubaphangi na? Akusiye yini uSimakade lona esonile kuye, abangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe, nokulalela umthetho wakhe na?
25 Wathela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, nesihluku sempi; kwavutha nxazonke, kodwa akaqondanga; kwashisa, nokho akazange akubeke enhliziyweni yakhe.