Hosea 7
1 “Lapho nje ngimphulukisa u-Israyeli, kuyakuhlala obala isiphambeko sika-Efrayimi nobubi beSamariya, ngokuba benza inkohliso, kwagqekeza amasela, neqembu labaphangi lahlasela emigwaqweni.
2 Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.
3 “Bathokozisa inkosi ngobubi babo, nezikhulu ngamanga abo.
4 Bonke bayiziphingi, banjengeziko elibaswe ngumbhaki, oyekela ukukhwezela kusukela ekuxoveni inhlama ize ikhukhumale.
5 Ngosuku lwenkosi yethu izikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini; yona yelula isandla sayo nezigebengu.
6 Impela bashisisa izinhliziyo zabo ngamacebo abo njengeziko, umbhaki wabo ulala ubusuku bonke; ekuseni livutha njengomlilo wamalangabi.
7 Bonke bashisa njengeziko, bashwabadela ababusi babo. Wonke amakhosi abo awile, akukho namunye phakathi kwabo ongibizayo.
8 “U-Efrayimi uzihlanganisa nezizwe, usephunduke iqebelengwana lesinkwa elingaphendulwanga.
9 Abafokazi badle amandla akhe, kodwa yena akazi; izinwele zakhe seziyaqhakaza, kepha yena akazi.
10 Ukuzigqaja kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, kodwa ababuyelanga kuSimakade uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokho.
11 “U-Efrayimi usenjengejuba elingenangqondo; babize iGibhithe, baya e-Asiriya.
12 Kuyakuthi lapho sebehamba, ngiphonse inetha lami phezu kwabo, ngibathele othulini njengezinyoni zezulu, ngibabambe lapho ngizwa umbiko ngokuhlangana kwabo.
13 Maye kubo, ngokuba bangibalekele! Bazokwehlelwa yinhlekelele, ngokuba bangihlubukile. Bengiyakubahlenga Mina, kodwa bakhulume amanga ngami.
14 Abakhalanga kimi ngenhliziyo yabo, kodwa bahhewula emibhedeni yabo; babuthana ngenxa yokusahlamvu newayini elisha, bangifulathela Mina.
15 Mina ngabaqeqesha, ngaqinisa izandla zabo, kodwa bangakhela uzungu.
16 Babuya, kodwa hhayi koPhezukonke, babanjengomnsalo oxegayo; abaholi babo bayakufa ngenkemba ngenxa yokugxibha kolimi lwabo. Bayakuba yinhlekisa eGibhithe.”