Hosea 112020

1“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda; ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.

2Lapho bebabiza, basuka kubo; bayohlabela oBhali, bashisela nezithombe ezibaziweyo impepho.

3Kepha yiMina engacathulisa u-Efrayimi; ngabagona ngezingalo zami, kodwa abazanga ukuthi ngabaphulukisa.

4Ngabadonsa ngezintabo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngakhothamela kuye, ngamnika ukudla.

5“Abayukubuyela eGibhithe, i-Asiriya libe yinkosi yabo, njengoba benqaba ukuphenduka na?

6Inkemba iyophenduphenduka idle lubi emizini yabo, ishabalalise imigoqo yabo, ibashwabadele ngenxa yamaqhinga abo.

7Abantu bami baphikelele ukuhlubuka kimi, noma bangambiza kangakanani oPhezukonke, ngeke abaphakamise.

8“Ngingakuyekela kanjani, Efrayimi, ngikukhaphele kanjani, Israyeli na? Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima, ngikwenze kanjani ube njengeZebhoyimi na? Inhliziyo yami iyaphenduka ngaphakathi kimi, sonke isihawu sami sivusiwe.

9Ngeke ngisaqhubeka nolaka lwami oluvuthayo, noma ngibhubhise u-Efrayimi, ngokuba nginguNkulunkulu, angisiye umuntu, ngingongcwele phakathi kwenu, angiyukufika ngolaka.

10Bayakulandela uSimakade oyakubhonga njengengonyama, ngokuba uyakubhonga, qede kubuye abantwana bakhe bethuthumela, bevela entshonalanga.

11Bayakuza bethuthumela njengenyoni bevela eGibhithe, njengejuba bephuma e-Asiriya, ngiyakubahlalisa ezindlini zabo,” kusho uSimakade.

12U-Efrayimi ungizungeze ngamanga, nendlu ka-Israyeli ngenkohliso; uJuda uvukelana noNkulunkulu noNgcwele othembekileyo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Hosea 11.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.