Bible

Simplify

Your Church Tech & Streamline Your Worship

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Genesis 5

:
Zulu - 2020
1 Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.
2 Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo.
3 Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.
4 Esezelwe uSethi, u-Adamu waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
5 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa.
6 Kwathi uSethi eseneminyaka eyi-105, wazala u-Enoshe.
7 Esezelwe u-Enoshe, uSethi waphila iminyaka engama-807 emva kokuzalwa kuka-Enoshe, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
8 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguSethi yaba ngama-912, wayesefa.
9 Kwathi u-Enoshe eseneminyaka engama-90, wazala uKhenani.
10 Esezelwe uKhenani, u-Enoshe waphila iminyaka engama-815, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
11 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enoshe yaba ngama-905, wayesefa.
12 Kwathi uKhenani eseneminyaka engama-70, wazala uMahalaleli.
13 Esezelwe uMahalaleli, uKhenani waphila iminyaka engama-840, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
14 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguKhenani yaba ngama-910, wayesefa.
15 Kwathi uMahalaleli eseneminyaka engama-65, wazala uJaredi.
16 Esezelwe uJaredi, uMahalaleli waphila iminyaka engama-830, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
17 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMahalaleli yaba ngama-895, wayesefa.
18 Kwathi uJaredi eseneminyaka eyi-162, wazala u-Enokhi.
19 Esezelwe u-Enokhi, uJaredi waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
20 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguJaredi yaba ngama-962, wayesefa.
21 Kwathi u-Enokhi eseneminyaka engama-65, wazala uMethusela.
22 Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
23 Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enokhi yaba ngama-365.
24 U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.
25 Kwathi uMethusela eseneminyaka eyi-187, wazala uLameki.
26 Esezelwe uLameki, uMethusela waphila iminyaka engama-782, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
27 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMethusela yaba ngama-969, wayesefa.
28 Kwathi uLameki eseneminyaka eyi-182, wazala indodana.
29 Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”
30 Esezelwe uNowa, uLameki waphila iminyaka engama-595, waphinde wazala amadodana namadodakazi.
31 Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguLameki yaba ngama-777, wayesefa.
32 Kwathi uNowa eseneminyaka engama-500, wazala uShemu, uHamu, noJafethi.