Genesis 52020

1Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.

2Wadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wababiza ngokuthi ngabantu ngosuku abadala ngalo.

3Kuthe lapho u-Adamu eseqede iminyaka eyi-130, wazala indodana eyayifana naye, wayiqamba igama wathi nguSethi.

4Esezelwe uSethi, u-Adamu waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

5Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Adamu yaba ngama-930, wayesefa.

6Kwathi uSethi eseneminyaka eyi-105, wazala u-Enoshe.

7Esezelwe u-Enoshe, uSethi waphila iminyaka engama-807 emva kokuzalwa kuka-Enoshe, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

8Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguSethi yaba ngama-912, wayesefa.

9Kwathi u-Enoshe eseneminyaka engama-90, wazala uKhenani.

10Esezelwe uKhenani, u-Enoshe waphila iminyaka engama-815, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

11Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enoshe yaba ngama-905, wayesefa.

12Kwathi uKhenani eseneminyaka engama-70, wazala uMahalaleli.

13Esezelwe uMahalaleli, uKhenani waphila iminyaka engama-840, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

14Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguKhenani yaba ngama-910, wayesefa.

15Kwathi uMahalaleli eseneminyaka engama-65, wazala uJaredi.

16Esezelwe uJaredi, uMahalaleli waphila iminyaka engama-830, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

17Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMahalaleli yaba ngama-895, wayesefa.

18Kwathi uJaredi eseneminyaka eyi-162, wazala u-Enokhi.

19Esezelwe u-Enokhi, uJaredi waphila iminyaka engama-800, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

20Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguJaredi yaba ngama-962, wayesefa.

21Kwathi u-Enokhi eseneminyaka engama-65, wazala uMethusela.

22Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

23Isiyonke iminyaka eyaphilwa ngu-Enokhi yaba ngama-365.

24U-Enokhi wayehamba noNkulunkulu. Wanyamalala, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.

25Kwathi uMethusela eseneminyaka eyi-187, wazala uLameki.

26Esezelwe uLameki, uMethusela waphila iminyaka engama-782, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

27Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguMethusela yaba ngama-969, wayesefa.

28Kwathi uLameki eseneminyaka eyi-182, wazala indodana.

29Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”

30Esezelwe uNowa, uLameki waphila iminyaka engama-595, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

31Isiyonke iminyaka eyaphilwa nguLameki yaba ngama-777, wayesefa.

32Kwathi uNowa eseneminyaka engama-500, wazala uShemu, uHamu, noJafethi.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Genesis 5.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.