Genesis 492020

1UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.

2“Hlanganani, nilalele madodana kaJakobe, lalelani uyihlo u-Israyeli.

3“Wena Rubeni uyizibulo lami, ungamandla ami, engabonakalisa ngawo ubudoda bami, uyingqongqo, unesithunzi, ingqongqo enamandla ukubedlula bonke.

4Ubikizela njengamanzi omfula, kodwa ngeke usaba yingqongqo, ngoba wakhwela embhedeni kayihlo, wawungcolisa; wakhwela embhedeni wami.

5“USimeyoni noLevi yizelamani, izinkemba zabo ziyizikhali zobudlova.

6Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha.

7Maluqalekiswe ulaka lwabo ngokuba luyavutha, nentukuthelo yabo ngokuba iwunya. Ngizobehlukanisela kwaJakobe, ngibahlakazele kwa-Israyeli.

8“Juda, abafowenu bayokudumisa. Isandla sakho siyohlala entanyeni yezitha zakho, amadodana kayihlo akukhothamele.

9UJuda uyibhongo lengonyama. Wenyuke empangweni ndodana yami. Uguqe, wacutha njengengonyama nanjengengonyamakazi, ngubani ongake akuvuse na?

10Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.

11Ubophela ithole lembongolo yakhe emvinini, nethole lembongolo emvinini wekhethelo. Uhlanza izingubo zakhe ewayinini, nezambatho zakhe ngegazi lezithelo zomvini.

12Amehlo akhe ayakuba bomvu yiwayini, amazinyo akhe abe mhlophe kunobisi.

13“UZabuloni uyokwakha ngasogwini lolwandle, abe ngasechwebeni lemikhumbi, imingcele yakhe iyoze ishaye eSidoni.

14“U-Isakhari uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.

15Uzothi angabona ukuthi izwe lihle, liyindawo yokuphumula, athobise ihlombe lakhe, ukuze athwale umthwalo, aphenduke isigqila esingakhokhelwa.

16“UDani uyohola abantu bakhe njengesinye sezizwana zakwa-Israyeli.

17UDani uyoba yinyoka ngasendleleni, ihobosha emzileni eliluma izithende zehhashi, ukuze umgibeli walo awe nyovane.

18Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho.

19“UGadi uyogaselwa yiviyo, kodwa yena uyolihlasela selibaleka.

20“U-Asheri uyokudla okunonileyo, akhiqize ukudla okufanele amakhosi.

21“UNafethali uyindluzelekazi ekhululekileyo, ekhuluma amazwi amnandi.

22“UJosefa ungumuthi othelayo, ongasesiphethwini, omagatsha awo akhwela odongeni.

23Abacibayo bamhlasela kanzima, bembambele amagqubu, futhi bangamaciko okuciba.

24Nokho wawubamba umcibisholo wakhe, zaqiniswa izingalo zakhe ngonaMandla kaJakobe, okuvela kuye uMelusi oyidwala lika-Israyeli,

25ngoNkulunkulu kayihlo ozokusiza, ngoSomandla ozokubusisa ngezibusiso zasezulwini phezulu, nezibusiso zasemajukujukwini omhlaba, nangezibusiso zamabele nezesibeletho.

26Izibusiso zikayihlo ziqinile kunezibusiso zokhokho bami, zifinyelela ezintabeni zaphakade. Sengathi lezi zibusiso, zingehlela ekhanda likaJosefa, nasebunzini lakhe owehlukaniswa kubafowabo.

27“UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”

28Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.

29UJakobe wabayala, wathi: “Sengizokufa ngingcwatshwe nobabamkhulu. Ngimbeleni nokhokho bami emgedeni osensimini ka-Efroni, umHithi,

30emgedeni osensimini eMakhaphela eseduze kweMamre eKhanani, ensimini u-Abhrahama ayithenga ku-Efroni, umHithi, ukuba ibe yindawo yokungcwaba.

31Kulapho u-Abhrahama noSara umkakhe bangcwatshwa khona, kulapho futhi no-Isaka nomkakhe uRibheka bengcwatshwe khona, nami ngamngcwaba lapho uLeya.

32Insimu nomgede okuyo kwathengwa kumaHithi.”

33Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.

Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za. Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Bo

Choose Translation

Switch translation for Genesis 49.

Reading Settings

Paragraph viewDisplay verses as flowing paragraphs instead of individual lines
Show verse numbersDisplay verse numbers inline
Red letterHighlight the words of Christ in red

Sign in to save your reading preferences across sessions.