Bible

Upgrade

Your Church Presentations in Minutes

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Genesis 46

:
Zulu - 2020
1 U-Israyeli waphuma eKhanani nakho konke ayenakho, kwathi lapho efika eBheri Sheba, wenzela uNkulunkulu kayise u-Isaka umhlatshelo.
2 UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono eminingi ebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!” Yena wathi: “Ngilapha.”
3 UNkulunkulu wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibhithe, ngizokwenza ube yisizwe esikhulu lapho.
4 Ngizohamba nawe ukuya eGibhithe, futhi ngiyakukukhuphula lapho; yisandla sikaJosefa esiyokucimezisa.”
5 UJakobe wasuka eBheri Sheba, amadodana ka-Israyeli amgibelisa uyise, nabantwana bawo, nomkawo ezinqoleni ezazikhishwe nguFaro ukuba zibathwale.
6 Baqhuba yonke imihlambi yabo, bathatha nempahla yonke ababeyithole eKhanani, uJakobe wakhukhula naso sonke isizukulwane sakhe baze bayofika eGibhithe.
7 Amadodana akhe, namadodana awo, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, bonke abantwana bakhe nesizukulwane sakhe behla naye baya eGibhithe.
8 Nanka amagama abakwa-Israyeli abahamba baya eGibhithe noJakobe nesizukulwane sakhe: uRubeni, izibulo lakhe,
9 namadodana akhe uHanokhi, uPhalu, uHezironi noKharimi.
10 Amadodana kaSimeyoni kwakunguJemuweli, uJamini, u-Ohadi, uJakhini, uZoha noShawule, owayezalwa ngowesifazane ongumKhanani.
11 Amadodana kaLevi: nguGereshoni, uKhohathi, noMerari.
12 Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli.
13 Amadodana ka-Isakhari: kunguThola, uPhuva, uJashubi, noShimroni.
14 Amadodana kaZabuloni, kwakunguSeredi, u-Eloni, noJaleli.
15 Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33.
16 Amadodana kaGadi: kwakunguZifiyoni, uHagi, uShuni, u-Ezibhoni, u-Eri, u-Arodi, no-Areli.
17 Amadodana ka-Asheri: kwakungu-Imna, u-Ishiva, u-Ishivi, uBheriya, noSera udadewabo. Amadodana kaBheriya: kwakunguHebhere noMalikhiyeli.
18 Yilawo-ke amagama amadodana ayeyi-16 kaZilipha, awazalela uJakobe. ULabani wayenike uLeya indodakazi yakhe uZilipha ukuba abe yisisebenzi sakhe.
19 Amadodana kaRaheli, umkaJakobe: kwakunguJosefa noBhenjamini.
20 Kuthe uJosefa eseGibhithe wazala uManase no-Efrayimi ku-Asenathi, indodakazi kaPotifera, umphristi wase-Oni.
21 Amadodana kaBhenjamini: kwakunguBhela, uBhekheri, u-Ashibheli, uGera, uNahamani, u-Ehi, uRoshi, uMuphimu, uHuphimu, no-Aridi.
22 Lawa kwakungamadodana kaRaheli ayemzalele wona uJakobe; esewonke ayeyi-14.
23 Indodana kaDani kwakunguHushimu.
24 Amadodana kaNafethali: kwakunguJahiziyeli, uGuni, uJezeri, noShilemu.
25 Lawo kwakungamadodana kaBhiliha, uLabani ayemunike yena uRaheli, indodakazi yakhe, esewonke ayeyisikhombisa.
26 Bonke abantu abangena eGibhithe noJakobe, abavela okhalo lwakhe ngaphandle kwabafazi babo, babengama-66.
27 Amadodana kaJosefa azalelwa eGibhithe aba mabili, ngakho-ke bonke abendlu kaJakobe abaya eGibhithe babengama-70.
28 UJakobe wathumela uJuda ukuthi ahambe phambili aye kuJosefa, ukuze abahole ukuya eGosheni. Ekufikeni kwabo eGosheni,
29 uJosefa wabophela inqola yakhe yempi, wakhuphuka, wamhlangabeza uyise u-Israyeli. UJosefa waziveza kuye, wamgona, wakhala isikhathi eside encike ehlombe lakhe.
30 U-Israyeli wathi kuJosefa: “Sengingafa manje njengoba sengizibonele ngawami ukuthi usawadla anhlamvana.”
31 UJosefa wayesethi kubafowabo nakwabendlu kayise: “Ake ngihambe ngiyobikela uFaro ukuthi abafowethu nabendlu kababa abebeseKhanani sebefikile ukuzohlala nami.
32 Lawa madoda angabelusi bemfuyo, amadoda anemihlambi, afike nayo yonke imfuyo yawo, nakho konke anakho.
33 Kuyothi lapho uFaro enibuza ethi: ‘Uyini umsebenzi wenu na?’
34 Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”