Genesis 30
1 URaheli ebona ukuthi akamzalele bantwana uJakobe, waba nomona ngodadewabo, wayesethi kuJakobe: “Nginike abantwana; kungenjalo ngizokufa.”
2 UJakobe wamthukuthelela uRaheli wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu yini okunguYena okuncishe inzalo na?”
3 URaheli wathi: “Nasi isisebenzi sami uBhiliha, lala naye ukuze angizalele abantwana, nami ngibe nezingane ngaye.”
4 Wamnika uBhiliha, isisebenzi sakhe saba yisancinza sakhe, uJakobe walala naye.
5 UBhiliha wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana.
6 URaheli wathi: “UNkulunkulu ungehlulele, futhi ulizwile izwi lokunxusa kwami, wangipha indodana.” Ngenxa yalokho wayiqamba igama wathi nguDani.
7 UBhiliha isisebenzi sikaRaheli saphinda sakhulelwa, samzalela uJakobe enye indodana.
8 URaheli wathi: “Ngibambene nodadewethu ngezikhwepha ezinkulu, ngamnqoba.” Wayeseyiqamba igama wathi nguNafethali.
9 ULeya esebona ukuthi usemile ukuzala, wathatha isisebenzi sakhe uZilipha wasinikela kuJakobe ukuba sibe yisancinza sakhe.
10 UZilipha isisebenzi sikaLeya samzalela indodana uJakobe.
11 ULeya wathi: “Nginenhlanhla,” wayiqamba igama wathi nguGadi.
12 UZilipha isisebenzi sikaLeya samzalela enye indodana uJakobe.
13 ULeya wathi: “Ngibusisiwe! Ngokuba abesifazane bazothi ngingobusisiweyo.” Wayiqamba igama wathi ngu-Asheri.
14 Ngezinsuku zokuvunwa kukakolo, uRubeni waya endle wathola amamandarike. Wawaletha kunina uLeya. URaheli wathi kuLeya: “Ake ungiphe nami amamandarike endodana yakho.”
15 Kepha wathi kuye: “Akwanele yini ukungithathela umyeni wami; manje usufuna ukungiphuca namamandarike omntanami na?” URaheli wathi: “Kulungile-ke, uJakobe uzolala nawe ngalobu busuku uma unginika amamandarike endodana yakho.”
16 Kwathi kusihlwa uJakobe esebuyela ekhaya evela emasimini, uLeya waphuma wamhlangabeza, wathi kuye: “Namhlanje uzolala nami, ngokuba ngikuqashe ngamamandarike endodana yami.” Walala naye ngalobo busuku.
17 UNkulunkulu wamlalela uLeya, wakhulelwa, wamzalela uJakobe indodana yesihlanu.
18 ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe umvuzo, ngoba nginikele ngesisebenzi sami endodeni yami.” Wayiqamba igama wathi ngu-Isakhari.
19 ULeya wakhulelwa futhi, wamzalela uJakobe indodana yesithupha.
20 ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe isipho esiyigugu. Umyeni wami usezongazisa manje ngoba sengimzalele amadodana ayisithupha.” Ngakho-ke wayiqamba igama wathi nguZebuloni.
21 Emveni kwalokho wamzalela indodakazi, wayiqamba igama wathi nguDina.
22 UNkulunkulu wamkhumbula noRaheli, wawuphendula umkhuleko wakhe, wasivula isibeletho sakhe.
23 Wakhulelwa, wazala indodana wathi: “UNkulunkulu ulisusile ihlazo lami.”
24 Wayiqamba igama wathi nguJosefa. “USimakade makanezele kimi ngenye indodana.”
25 Kwathi uRaheli esezele uJosefa, uJakobe wayesethi kuLabani: “Ngivumele ngihambe ngibuyele ekhaya kwelakithi.
26 Ngikhululele nomkami nabantwana bami engibasebenzeleyo ngihambe, ngokuba uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani.”
27 ULabani wathi kuye: “Uma uzongivumela ukuba ngisho lokhu: ngizwile uma ngibhula ukuthi uSimakade ungibusise ngenxa yakho.
28 “Nquma iholo lakho ngizokunika lona.”
29 UJakobe wathi kuye: “Wena uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani, nokuthi imfuyo yakho ichume kangakanani isesandleni sami;
30 ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?”
31 Wathi: “Ngizokunikani na?” UJakobe wathi: “Awuyukunginika lutho. Ngenzele kube kunye nje, ngizoqhubeka ngikwelusele umhlambi wakho, ngiwunakekele.
32 Namhlanje ngizodabula phakathi komhlambi wakho, ngisuse zonke ezimabhadubhadu, nezimabalabala, nazo zonke izimvu ezimnyama kuwo. Nginike ezinjalo kube yiholo lami.
33 Ubuqotho bami buzongifakazela ngomuso lapho usufika uzohlola iholo ongikhokhele lona. Leso silwane oyosithola kimi singemabhadubhadu, futhi singemabalabala ezimbuzini, nesingemnyama ezimvini zami, kuyoba ngisebile.”
34 ULabani wathi: “Kuhle-ke, akuye njengamagama enkehli.”
35 Ngalolo lusuku uLabani wakhetha zonke izimpongo ezihunqu, nezimabhadubhadu, nezimbuzikazi ezimabalabala, nezimabhadubhadu, zonke lezo ezazinamabala amhlophe, namawundlu amnyama, wakupha amadodana akhe.
36 Ayesehamba ibanga lezinsuku ezintathu eqhela kuJakobe, uJakobe waqhubeka nokwelusa umhlambi kaLabani.
37 UJakobe wathatha izinduku zikabhabhulini, nezomu-alimondi, nezesinana, wazixebula amaxolo, kwavela okumhlophe ezindukwini.
38 Wazibeka lezo zinduku ezixetshuliweyo kuyo yonke imikhombe ezazizophuza kuyo ukuze zibe phambi kwezimbuzikazi ngesikhathi zifika ukuzophuza, ngokuba yilapho zazikhwelana khona.
39 Ngenxa yokuba zazikhwelana phambi kwezinduku, zonke zazala amazinyane ahunqu, namabhadubhadu, namabalabala.
40 UJakobe wawehlukanisa lawo mazinyane emhlanjini kaLabani. Ngesikhathi zikhwela, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezikaLabani, kwezinemishwi nezimnyama. Ezakhe wazehlukanisa azaze zahlangana nemihlambi kaLabani.
41 Kwakuthi njalo uma eziqinileyo emhlanjini zikhwelana, uJakobe abeke izinduku phambi kwazo emikhombeni ukuze zikhwelwe zibheke kuzo.
42 Uma kungezintekenteke emhlanjini angazibeki izinduku. Zonke ezintekenteke kwaba ngezikaLabani, eziqinile zaba ngezikaJakobe.
43 Ngokwenza kanjalo, uJakobe waba yisicebi esikhulu, enemihlambi emikhulu yezimvu, nezimbuzi, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.