1Bazalwane, uma umuntu ebhabheka ebubini, nina bomoya mbuyiseni lowo ngomoya wobumnene, niqaphele nani, funa nilingwe.
2Thwalisanani imithwalo yenu, niwugcwalise kanjalo umthetho kaKhristu.
3Ngokuba uma kukhona ozishaya utho abe engelutho, uyazikhohlisa.
4Kepha makube yilowo nalowo ahlole owakhe umsebenzi, khona eyakuzincoma ngawo, angawuqhathanisi nowomunye.
5Ngokuba yilowo nalowo muntu uyakuthwala umthwalo wakhe.
6Kepha yena ofundiswa izwi makahlanganyele nalowo omfundisayo ezintweni zonke ezinhle.
7Ningadukiswa, uNkulunkulu akabhuqwa, ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho uyakukuvuna.
8Ohlwanyela imisebenzi yakhe yemvelo eyonakeleyo, uyakuvuna ukubhubha kuyo imvelo eyonakeleyo; kodwa ohlwanyela kuMoya, uyakuvuna ukuphila okuphakade kuMoya.
9Masingakhathali ngukwenza okuhle, ngokuba siyovuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali.
10Ngakho-ke njengokuba sinethuba, masenze okuhle kubo bonke, ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
11Ake nibone nje ukuthi nginilobela amagama angakanani ngesami isandla.
12Yilabo abafuna ukuzibonakalisa enyameni, abaniphoqa ukuba nisoke kuphela nje, ukuze bangazingelwa ngenxa yesiphambano sikaKhristu.
13Ngokuba ngisho nabo abasokayo, kabawugcini umthetho, kodwa bafuna ukuba nisoke ukuze bazincome ngani.
14Kepha mina makungabi bikho lutho olunye engizincoma ngalo, ngaphandle kwesiphambano seNkosi yethu uJesu Khristu, okungaye izwe selabethelwa kimi, nami kulo.
15Ngokuba ukuthi usokile noma awusokile akusho lutho, kepha okumqoka ukuba yisidalwa esisha.
16Bonke abahamba ngale ndlela makube kubo ukuthula nesihawu, yebo, nakuye u-Israyeli kaNkulunkulu.
17Kusukela manje, mangingabe ngisakhathazwa muntu, ngokuba ngithwele emzimbeni wami izimpawu zikaJesu.
18Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nomoya wenu, bazalwane. Amen.