Ezra 10
1 Kwathi u-Ezra esakhuleka evuma izono, ekhala, ezilahle phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, isixuku esikhulu sabakwa-Israyeli sabuthana lapho, amadoda, abesifazane, nezingane, bonke babekhala kalusizi.
2 UShekhaniya, indodana kaJehiyeli, wozalo luka-Elamu, wathi ku-Ezra: “Asethembekanga kuNkulunkulu ngokuthi siganwe ngabesifazane bezizwe, kodwa noma kunjalo u-Israyeli usenalo ithemba.
3 Manje-ke masenze isivumelwano noNkulunkulu wethu sokubalahla bonke laba besifazane nezingane zabo, ngokwesiluleko senkosi yami nalabo abayesabayo imithetho kaNkulunkulu wethu; makwenziwe njengokumisiweyo emthethweni.
4 Vuka wenze okuthile, ngokuba lolu daba luqondene nawe; sinawe; qina, ukwenze lokhu.”
5 U-Ezra wasukuma, wafungisa abaholi babaphristi, abaLevi no-Israyeli wonkana ukuthi bayokwenza njengoba eshilo. Bafunga-ke.
6 U-Ezra wasuka phambi kwendlu kaNkulunkulu, waya endlini kaJehohanani, indodana ka-Eliyashibhi, wahlala lapho ubusuku bonke, engadli lutho, futhi engaphuzi lutho, ngokuba wayelila ngenxa yokungethembeki kwabantu ababebuye ekuthunjweni.
7 Bathumela isimemezelo kulo lonke elakwaJuda naseJerusalema, kubo bonke ababebuye ekuthunjweni, ukuba bahlangane eJerusalema,
8 nokuthi uma bengafinyelelanga emhlanganweni ngezinsuku ezintathu, bayokwephucwa yonke impahla yabo, badingiswe enhlanganweni yabathunjwa ngokwesinqumo sabaphethe nezikhulu.
9 Bonke abantu bakwaJuda nabakwaBhenjamini babuthana eJerusalema ezinsukwini ezintathu; kwakuyinyanga yesishiyagalolunye, ngolwama-20 lwenyanga. Bonke abantu bahlala phansi phambi kwendlu kaNkulunkulu, beqhaqhazela ngenxa yobucayi balolu daba, nangenxa yemvula enkulu.
10 U-Ezra, umphristi, wayesesukuma, wathi kubo: “Nonile, naganwa ngabesifazane bezizwe, ngaleyo ndlela nathasisela icala lika-Israyeli.
11 Ngakho-ke vumani izono zenu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, nenze intando yakhe; zehlukaniseni kubantu bezwe nakubafazi bezizwe.”
12 Inhlangano yonke yaphendula ngezwi elikhulu, yathi: “Siyavuma! Kufanele senze njengoba usho!
13 Kepha kunabantu abaningi lapha, futhi lina kakhulu, asikwazi ukuma phandle. Ngaphezu kwalokhu, lolu daba alusilo olosuku olulodwa noma ezimbili, ngokuba iningi lethu liyachaphazeleka kulolu daba.
14 Vumelani abaholi bethu kube yibona abazosimela kulolu daba, bamele inhlangano yonke. Makuthi bonke emizini yakithi abaganwe ngabesifazane bezizwe beze ngezikhathi ezimisiweyo, behambisana namalunga nabehluleli bemizi yonke, luze lusuke kithi ulaka lukaNkulunkulu maqondana nalolu daba.”
15 UJonathani, indodana ka-Asaheli noJahazeya, indodana kaThikhiva, bamelana nalesi sinqumo, besekwa ngoMeshulami noShabhethayi, abaLevi.
16 Ababuye ekuthunjweni benza kanjalo. U-Ezra umphristi waqoka amadoda, izinhloko zemindeni ngokwezindlu zokhokho bazo, yileyo naleyo ibizwe ngegama. Lawo madoda ahlangana ngosuku lokuqala, ngenyanga yeshumi, ukuze aphande kabanzi ngalolu daba.
17 Aluphothula lolo daba lwalawo madoda ayethathe abesifazane babezizwe, ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala.
18 Abafunyaniswa phakathi kwabozalo lwabaphristi ukuthi baganwe ngabesifazane babezizwe yilaba: kwabozalo lukaJeshuwa: indodana kaJozadaki, nakubafowabo, nguMahaseya, u-Eliyezeri, uJaribi noGedaliya.
19 Bavuma ukuthi bazobalahla abafazi babo; lokhu benecala, banikela ngenqama, yaba wumhlatshelo wezono zabo.
20 Kwabozalo luka-Imeri: nguHanani noZebhadiya.
21 Kwabozalo lukaHarimi: nguMahaseya, u-Elija, uShemaya, uJehiyeli no-Uziya.
22 Kwabozalo lukaPhashuri: ngu-Eliyohenayi, uMahaseya, u-Ishmayeli, uNethaneli, uJozabhadi no-Eleyasa.
23 KubaLevi: nguJozabhadi, uShimeyi, uKhelaya onguKhelitha, uPhethahiya, uJuda no-Eliyezeri.
24 Kubahlabeleli: ngu-Eliyashibhi. Kubalindisango: nguShalumi, uTheleme no-Uri.
25 Kwabanye bakwa-Israyeli: kwabozalo lukaPharoshi: nguRamiya, u-Iziya, uMalikhiya, uMijamini, u-Eleyazare, uMalikhiya noBhenaya.
26 Kwabozalo luka-Elamu: nguMathaniya, uZakhariya, uJehiyeli, u-Abhidi, uJeremothi no-Eliya.
27 Kwabozalo lukaZathu: ngu-Eliyohenayi, u-Eliyashibhi, uMathaniya, uJeremothi, uZabhadi no-Aziza.
28 Kwabozalo lukaBhebayi: nguJehohanani, uHananiya, uZabhayi no-Athilayi.
29 Kwabozalo lukaBhani: nguMeshulamu, uMalukhi, u-Adaya, uJashubhi, uSheyali noJeremothi.
30 Kwabozalo lukaPhahathi Mowabi: ngu-Adina, uKhelali, uBhenaya, uMahaseya, uMathaniya, uBhezaleli, uBhinuwi noManase.
31 Kwabozalo lukaHarimi: ngu-Eliyezeri, uJishiya, uMalikhiya, uShemaya, uShimeyoni,
32 uBhenjamini, uMalukhi noShemariya.
33 Kwabozalo lukaHashumi: nguMathenayi, uMathatha, uZabhadi, u-Elifelethi, uJeremayi, uManase noShimeyi.
34 Kwabozalo lukaBhani: nguMahadayi, u-Amramu, u-Uweli,
35 uBhenaya, uBhedeya, uKheluhi,
36 uVaniya, uMeremothi, u-Eliyashibhi,
37 uMathaniya, uMathenayi noJahasu.
38 Kwabozalo lukaBhinuwi: nguShimeyi,
39 uShelemiya, uNathani, u-Adaya,
40 uMakhenadebhayi, uShashayi, uSharayi,
41 u-Azareli, uShelemiya, uShemariya,
42 uShalumi, u-Amariya noJosefa.
43 Kwabozalo lukaNebho: nguJehiyeli, uMathithiya, uZabhadi, uSebhina, u-Ido, uJoweli noBhenaya.
44 Bonke labo babeganwe ngabesifazane babezizwe, base bebalahla bonke abesifazane bezizwe ababebaganile nabantwana babo.