Bible

Connect

With Your Congregation Like Never Before

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Ezekiel 35

:
Zulu - 2020
1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni iSeyiri uphrofethe umelane nayo,
3 uthi kuyo, ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngimelene nawe ntaba iSeyiri; ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikushaye, ngikwenze ube yincithakalo neze.
4 Imizi yakini ngiyakuyenza ibe yihlane, wena ube yincithakalo; uyakukwazi ukuthi nginguSimakade.
5 “Ngenxa yokuba unobutha obungapheliyo, futhi unikele abakwa-Israyeli ukuba badliwe yinkemba lapho behlelwa yisigemegeme, ngesikhathi bethola isijeziso sabo sokugcina,
6 ngakho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “ngiyakukunikela ekuchithekeni kwegazi, ukuchitheka kwegazi kube yinsakavukela kuwe, ngokuba awukuzondi ukuchitha igazi.
7 Intaba iSeyiri ngiyakuyenza ibe yincithakalo neze, ngimbulale odlula kuyo nobuya kuyo.
8 Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwe ngenkemba bayakuwela emagqumeni akho, ezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho.
9 Ngiyakukwenza incithakalo yaphakade, imizi yakini ingabe isahlala muntu, ukuze nazi ukuthi nginguSimakade.
10 “Ngokuba wathi: ‘Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, ngidle ifa lakho,’ nakuba uSimakade ebelapho,
11 ngakho-ke ngifunga ngiyagomela,” kusho iNkosi uSimakade, “ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho sengikwehlulela.
12 Kulapho-ke uyokwazi khona ukuthi nginguSimakade. Ngiyizwile yonke inhlamba yakho oyithuke usezintabeni zakwa-Israyeli, uthi: Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.
13 “Nizikhukhumezile kimi ngomlomo wenu, naphindaphinda amazwi enu. Mina ngizwile.”
14 Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi lapho umhlaba wonke uthokoza, wena ngikwenze ube yincithakalo.
15 Njengoba nawe wathokoza ngefa lendlu yakwa-Israyeli, lapho iba yincithakalo, ngiyakwenza kanjalo nakuwe. Wena ntaba iSeyiri uyakuba yincithakalo, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke jikelele, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.”