Bible

Say Goodbye

To Clunky Software & Sunday Tech Stress!

Try RisenMedia.io Today!

Click Here

Ezekiel 30

:
Zulu - 2020
1 Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
2 “Ndodana yomuntu, phrofetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Lilani, nithi: “Maye, ngalolo lusuku!”
3 ‘Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaSimakade selusondele; luzokuba lusuku lwamafu nesikhathi senhlekelele kwabezizwe.
4 Inkemba izokwehlela eGibhithe, kube nobumayemaye eKhushe, lapho abagwaziweyo befumbeka phansi eGibhithe; bazoyithatha ingcebo yalo, kudilizwe nezisekelo zalo.
5 ‘IKhushe, iPhuthi, iLude, neKhubi, nabantu bezwe abenze isivumelwano nabo bazokufa ngenkemba.
6 ‘Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Nalabo ababesekela iGibhithe bazoqumbeka phansi, nokuzigqaja ngamandla alo kuzophela nya; bazodliwa yinkemba bekulo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene,’ kusho iNkosi uSimakade.
7 ‘Bazokuba yincithakalo emazweni aseyincithakalo, imizi yalo ibe semizini ebhidliziweyo.
8 Bazokwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengithungela ngomlilo iGibhithe, bacoboshiswe bonke abangumfelandawonye nalo.
9 ‘Ngalolo lusuku kuyakuphuma izithunywa ngemikhumbi zivela kimi, ukuba zilesabise iKhushe elinethezekileyo, kube nobumayemaye kulo ngosuku lwenhlekelele eGibhithe, ngokuba bheka, luyeza usuku.
10 ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Isixuku saseGibhithe ngiyakusiqeda nya, ngesandla sikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele.
11 Yena nabantu bakhe nabezizwe abanonya, bayakuthunyelwa ukuba balibhubhise izwe, iGibhithe balihoshele izinkemba zabo, izwe baligcwalise ngababuleweyo.
12 Ngiyakwenza imifula ishe, ngithengise ngezwe esandleni sababi; izwe nakho konke okukulo, ngilibhubhise ngesandla sabafokazi, ngokuba Mina Simakade sengikhulumile.”
13 ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiyakuzishabalalisa izithombe, ngibaqede nya onkulunkulu abayize eNofi; akusayukuba bikho nkosana evela eGibhithe; ngiyakulifaka ingebhe iGibhithe.
14 IPhathirosi ngiyakulenza libe lihlane, ngiphembe umlilo eZowani, ngilijezise iNo.
15 Ngiyakuthululela ulaka lwami phezu kweSini, inqaba yaseGibhithe, ngibulale isixuku saseThebe.
16 Ngiyakuthungela umlilo eGibhithe; iSini libinyabinyeke ezinhlungwini, iThebe ibhodlozwe, iMemfisi ihlaselwe emini.
17 Izinsizwa zase-Aveni nasePhi Bhesethi ziyakufa ngenkemba, abahlala emizini bathunjwe.
18 Usuku luyakuba mnyama eThehafenehesi, lapho nginqamula khona amajoka aseGibhithe; nokuzikhukhumeza ngamandla alo kuyakuphela kulo. Liyakusitshekelwa yifu, kuthunjwe nabahlala emizaneni yalo.
19 Ngiyakulijezisa iGibhithe, futhi bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’
20 Kwathi ngonyaka we-11, ngenyanga yokuqala, ngosuku lwesikhombisa, izwi likaSimakade lafika kimi, lathi:
21 “Ndodana yomuntu, ngiyephulile ingalo kaFaro inkosi yaseGibhithe; ayiboshiwe ukuba yelapheke, noma izongolozelwe ukuba iqine ikwazi ukubamba inkemba.
22 Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Uyabona-ke, ngimelene noFaro, inkosi yaseGibhithe; ngiyakuzephula izingalo zakhe, eqinileyo neyephukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.
23 AbaseGibhithe ngiyakubahlakazela ezizweni, ngibasabalalise emazweni.
24 Ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, ngibeke inkemba yami esandleni sayo, kepha ngiyakuzephula izingalo zikaFaro, abubule phambi kwayo njengokububula komuntu olinyaziweyo.
25 Yebo, ngiyakuziqinisa izingalo zenkosi yaseBhabhele, bese kuthi izingalo zikaFaro ziyethe. Bayakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengibeka inkemba yami esandleni senkosi yaseBhabhele; yona iyakuyelulela phezu kweGibhithe, imelane nalo.
26 AbaseGibhithe ngiyakubahlakazela ezizweni, ngibasabalalise emazweni, bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.’